Udalule uhlu lwezingoma zakhe umculi

Farida Joyce

Uhlu lwezingoma zikaBeyoncé obelulindelwe ngabomvu kwi-albhamu yakhe yesikhombisa, i-Renaissance seliphumile.

Umculi we-R&B owine i-Grammy wabelane ngohlu lwezingoma ekhasini lakhe le-Instagram ngoLwesithathu ezinsukwini eziyisishiyagalolunye ngaphambi kokuthi i-albhamu ikhishwe ngomhlaka-29 kuNtulikazi.

UBeyonce ukhiphe ingoma ethi “Break My Soul”, ngomhlaka-20 kuNhlangulana. 

Le ngoma ingezinye zezingoma ezingu-16 ezikule-albhamu.

Ezinye zezingoma zakhe ezikwi-albhamu zithi-America Has a Problem, Plastic on the Sofa”, I’m That Girl kanye ne-Thique. 

Uhlu lwezingoma lukhishwe kulandela ukuvezwa kwekhava yomculi ekupheleni kukaNhlangulana, ebinikeza incazelo emfushane ngokubaluleka kwe-albhamu yakhe.

“Ukukhipha le-albhamu kungenze ngathola indlela yokungacabangi ubuhlungu umhlaba odlula kukho. Kungivumele ukuthi ngizizwe ngikhululekile futhi nginomdlandla kulezi zikhathi ezinzima esidlula kuzo empilweni,” kubhala uBeyonce ku-Instagram wakhe.

Iculo elisha lika-Beyoncé belilokhu linconywa abalandeli nabangani bakhe. 

Ngisho nowayengunkosikazi wowayengumengameli waseMelika uMichelle Obama ubhale ku-Twitter ehalalisela lo mculi.

U-Obama ubhale ukuthi: “Indlovukazi @Beyonce, isikwenzile futhi!” i-Break My Soul ingoma sonke esiyidingayo njengamanje futhi angikwazi ukuzibamba ngaphandle kokudansa nokucula ngesikhathi ngiyilalele. Angisakwazi ukulinda i-albhamu yakho!”

Izihloko zakamuva