Celani Sikhakhane
ISilo sabaThembu uBuyelekhaya Dalindyebo osaphenduka undabuzekwayo utshele lowo owayenguMengameli wezwe uJacob Zuma ukuthi akanagqubu naye.
UDalindyebo uvakashele uZuma ngoMgqibelo emzini wakhe oseNkandla kwaDakwadunuse, esigodini saKwaNxamalala.
UDalindyebo bekufanele afike ngo-10 ekuseni kodwa i-Mercedes-Benz GLE ayiphiwa i-Economic Freedom Fighters (i-EFF) ngonyaka odlule iye yaphantshelwa isondo. Ufike ngo-6.30 ntambama kanti umhlangano wabo uze waphetha ngo-10 ebusuku. OwayenguMengameli wezwe unike Isilo inyama netiye.
UMzwanele Manyi weJG Zuma Foundation utshele i-Scrolla.Africa ukuthi umhlangano ubumayelana nokuhlangana kwabaholi base-Afrika ngomoya woBuntu.
“INkosi ikubeke kwacaca ukuthi ayinagqubu nowayenguMengameli wezwe nokuthi iyakuqonda konke ngokuboshwa kwakhe nezinto ezenziwa ngabanye abantu kuZuma,” kusho uManyi.
UZuma ukwamukele ukuvakasha kweNkosi uBuyelekhaya kanye nokuzibophezela kweNkosi ekutheni izomeseka nesizwe sabaThembu njengoba elwa nesinqumo seNkantolo eNkulu yase-North Gauteng efuna abuyele ejele.
UDalindyebo useneminyaka ehlasela uZuma emsola ngokusebenzisa abantu njengamajazi womkhwenyana. Waze wayishiya i-ANC ephikisana noZuma wajoyina i-Democratic Alliance. INkosi yabhadla ejele iminyaka engu-12 futhi i-DA yahoxisa nobulungu bayo. Uke walahlwa yicala lokushaya ngenhloso yokulimaza, ukuthumba, ukuqeda ubulungiswa nokucekela phansi impahla.
Ngemuva kokukhululwa kwakhe uye wakhuluma no-Advocate Dali Mpofu, uManyi kanye noJenene uBantu Holomisa ebacela ukuthi bamsize emzamweni wakhe wokuhlangana noZuma.
“Bekuwumhlangano omnandi kakhulu. Bakhulume ngomlando wabo besekudingisweni. UZuma wayengumkhuzi weNkosi uDalindyebo ngesikhathi besekudingisweni,” kusho uManyi.
“Inkosi ibiphatheke kabi kakhulu ngokuphathwa kabi kukaZuma ngamajaji.”