Udadewabo wowayeyisihlabani seBanyana ushiswe isoka

Lubhalwe nguKarabo Rammutla

ULindiwe Zitha ongudadewabo wesihlabani seBanyana Banyana ubhunyelwe ngophethiloli washiswa owayeyisoka lakhe. Ubekade ethole incwadi yokuzivikela kulona owayeyisoka lakhe kodwa kube nhlanga zimuka nomoya.

Lesi sigameko esibuhlungu senzeke ngoLwesine olwedlule. ULindiwe ushe kabi kanti umfowabo ushe kancane ngesikhathi ezama ukungenelela ngesikhathi kunengxabano.

Ngemuva kwalesi sigameko owayeyisoka likaLindiwe, u-Eric Marakalala – oshe ezandleni – ubaleke endaweni yesigameko wayocasha nokuyinto eyenze ukuthi izakhamuzi ezikhathazekile ziqaphe ngelokhozi.

Naphezu kwemizamo yabo yokumthungatha abazange bamthole.

Kodwa-ke, ngenxa yokuthi ubengasakwazi ukubekezelela izinhlungu ngoLwesihlanu uye wayofuna usizo lwezempilo emtholampilo e-Mamelodi.

Lokhu kwenzeka nje kanti omunye oyisakhamuzi ophinde abe umhlengikazi kulo mtholampilo ubesezwile ngalesi sigameko esihlasimulisa umzimba. Uye wathatha isinyathelo ngokushesha wamgcina ematasa egumbini ngesikhathi ethinta amaphoyisa.

Udadewabo kaLindiwe owayengumdlali weBanyana Banyana, uKhabo Zitha udalule ukuthi okwamanje ingane yakubo ilwela impilo yayo esibhedlela.

UKhabo uthe uMarakalala unomlando wokuhlukumeza uLindiwe nokuthi wenza incwadi yokuzivikela.

Uthe wayethatha ngenkani imali etholwa udadewabo ebhizinisini lakhe lamatekisi.

Ezwakalisa usizi lwakhe lo mdlali webhola lezinyawo uchaza usizi njengolunyantisayo.

Echiphiza izinyembezi uthe “ushe kusukela ekhanda kuya onyaweni. Ngikhala nsuku zonke uma ngicabanga ngobuhlungu abhekene nabo. Angazi noma uzolulama yini kulokhu.”

NgoLwesibili, uMarakalala uvele eNkantolo yeMantshi yase-Mamelodi kanti ubhekene necala lokushisa nokuzama ukubulala. Icala lihlehliselwe umhlaka-12 kuNhlangulana ukuze kuqhutshekwe nophenyo.

Esithombeni esingenhla: ULindiwe Zitha

Umthombo wesithombe: Sithunyelwe

Izihloko zakamuva