Lungani Zungu
Omunye wabasolwa ababoshelwe icala lokubulala iphoyisa elalingasebenzi, uSiyabonga Radebe, ngudadewabo.
Omunye wabasolwa abane udutshulwe wabulawa ngamaphoyisa ngemuva kwezinsolo zokuthi ubelwa nawo ngesikhathi eboshwa eMlazi kwa-W, cishe imizuzu eyishumi ukusuka lapho okudutshulwe khona uRadebe ngesonto eledlule.
Abasolwa, kubalwa nodadewabo kaRadebe, ngeke badalulwe amagama njengoba bengakaveli enkantolo okwamanje.
Amaphoyisa esifundazwe athe abasolwa bazovela enkantolo kungekudala.
Ilungu lomndeni elingathandanga ukudalulwa lithe umndeni ushaqekile.
“Lokhu kuyasiphoxa kakhulu njengomndeni. Bengingacabangi ukuthi omunye wethu engathinteka kuleli cala.”
Ngenkathi umndeni ukwamukela ukuboshwa, ukusolwa okubandakanyeka udadewabo kaRadebe kudale ukungezwani emndenini ososizini.
“Konke sizokuyekela ezandleni zamaphoyisa ukuthi aqedele umsebenzi asewuqalile.”
Ilungu lomndeni linqabile ukuqhubeka nokuphawula.
URadebe wadutshulwa ngesikhathi edlala i-snooker nabangani bakhe ethaveni kaCibane eMlazi kwa-C.
Umngani wakhe omkhulu wamphuthumisa esibhedlela kodwa washona ngemuva kwesikhashana.
Wayesakhokha ilobolo lentombi yakhe, enengane engaphansi konyaka izelwe.
URadebe ubesanda kuthenga nomuzi wakhe eMlazi kwa-E kanti ubehlele ukubopha ifindo likasofasilahlane ekuqaleni konyaka ozayo.
Okhulumela amaphoyisa esifundazweni uColonel Thembeka Mbele uthukuthele uyaveva ngokubulawa kwamaphoyisa.
“Lokhu kuboshwa bekuyizinkomba zokuthi amaphoyisa abezimisele ukuthungatha bonke abasolwa ababandakanyeka ezenzweni zobugebengu.
“Amalungu omphakathi kumele akhumbule njalo ukuthi ukuhlaselwa kwephoyisa kuwukuhlasela isizwe,” kusho uMbele.