UDada Morero we-ANC usebuyele ekuqhoqhobaleni esobumeya eGoli

Lubhalwe nguDoreen Mokgolo

Ikhansela le-ANC uMnuz Dada Morero usethathe izintambo  zobumeya eDolobheni laseGoli.

Uvotelwe ukungena esikhundleni ngoLwesihlanu ngamavoti angu-189. Umholi womkhandlu we-DA waseGoli, uBelinda Echeozonjoku, uthole amavoti angu-60. 

Angu-253 amakhansela avote okhethweni oluyimfihlo obeluphethwe yi-Independent Electoral Commission (IEC), kwamosheka amaphepha amane kwathi ivoti elilodwa lahoxiswa.

Ngesikhathi kufungiswa uMorero eMkhandlwini i-Conny Bapela Council Chambers e-Braamfontein, amakhansela e-ANC ajabulele ukuthi agcine ebutholile ubuholi bukamasipala.

NgoMandulo 2022, uMorero waqokwa njengemeya yaseGoli, kodwa isikhathi sakhe sathatha izinsuku ezingu-25 kuphela ngemuva kokuba i-DA yafaka isicelo eNkantolo eNkulu yaseGoli ukuze iguqule ukukhethwa kwakhe.

Baphikisa bethi ukukhethwa kwakhe kwakuphambene nomthetho futhi kwakungahambisani nomthethosisekelo, okwaholela ekubuyiselweni kukaDkt Mpho Phalatse we-DA.

Ukhetho lukaMorore lulandela ukwesula kukaKabelo Gwamanda ngoLwesibili.  UGwamanda, oyilungu leqembu i-Al Jama-ah, ube yimeya kusuka ngoNhlaba nyakenye.

Idolobha libe nezimeya eziyisishiyagalombili eminyakeni emihlanu nje kuphela edlule.

USomlomo womkhandlu uMargaret Arnolds uhalalisele uMorero wathi uyamethemba ukuthi uzokwazi ukuhola lo masipala.

“[Ukhombise] ukuzinikela okungantengi kubantu baseGoli, futhi nginethemba lokuthi ubuholi bakhe buzoletha ushintsho oluhle oludingwa yidolobha lethu.

“Izinselelo idolobha lethu elibhekene nazo zinkulu, kodwa njengoba sinobuholi obuqinile nobuhlangene, ngikholwa wukuthi singazinqoba,” kusho u-Arnolds.

Ubuye wagqugquzele amakhansela nezikhulu ukuthi baseke injongo yomkhankaso wemeya entsha wokufukula imiphakathi kanye nezimpilo zezakhamizi zedolobha.

Osesithombeni ngenhla: UDada Morero ubuyile esihlalweni.

Umthombo: Uthunyelwe 

Izihloko zakamuva