Lubhalwe nguRorisang Modiba
Umrepha waseNingizimu Afrika uDa L.E.S ungeniswe esibhedlela ngemuva kokushaywa yisifo sohlangothi ngoLwesihlanu olwedlule.
Lo mculi oneminyaka engu-39 ubudala umemezele ngempelasonto ukuthi ngeke akwazi ukuhambela umcimbi wokugubha usuku lwakhe lokuzalwa ngenxa yempilo yakhe.
Esitatimendeni esikhishwe ngeSonto, umndeni wakhe uveze izindaba zokushaywa kwakhe isifo sohlangothi.
“Umndeni womculi waseNingizimu Afrika uDa L.E.S uzwa ubuhlungu ukwazisa umphakathi ukuthi uhlaselwe yisifo sohlangothi esekhaya ngoLwesihlanu ngomhlaka-26 kuNtulikazi futhi ulaliswe esibhedlela,” kusho isitatimende.
Bakuqinisekisile kubalandeli bakhe ukuthi usesimweni esigculisayo kodwa bathi lesi yisikhathi esinzima kwabathandiweyo bakhe.
Isithombe esingenhla: DA L.E.S.
Umthombo: Instagram