UCyril Xaba ovale isikhala seMeya kuMasipala iTheku

Lubhalwe nguZukile Majova

Sekuye ngawo amagama eNkehle njengoba ikhansela le-ANC uMnuz Cyril Xaba liqokwe njengemeya entsha yomkhandlu weTheku obunezinkinga.

Leli dolobha elinebhajethi ka-R67 billion belidonsa kanzima ukwakha kabusha ingqalasizinda yalo ngemuva kwezikhukhula ezadala umonakalo ngo-2022.

Izindawo zasemadolobheni nasemalokishini sekuphele amasonto zingenawo amanzi, kanti ezinye izindawo zasemakhaya ezingaphansi kukamasipala zinezinyanga ezingaphezu kweziyisithupha zingenamanzi.

Ezinyangeni ezedlule, udoti ubulokhu unqwabelana ezingxenyeni ezahlukene zedolobha kanti ingqalasizinda iyawohloka ngenxa yokunganakekelwa kahle kwayo namapaki omphakathi.

Abezindaba bahoshe umoya wokuthi uXaba ubephezulu equlwini lamagama amathathu okuzokhethwa kuwo imeya entsha. Kuthiwa ubencintisana nowayenguNgqongqoshe wamaPhoyisa uMnuz Bheki Cele naloyo obenguNdunankulu uNksz Nomusa Dube-Ncube.
Enkulumeni yakhe yokuqala iMeya uXaba ithe ifuna izimpendulo kwimenenja kamasipala, kumele ichaze ukuthi kungani amanzi enqanyulwa ezindaweni ezakhelene nedolobha lasePinetown lapho izakhamizi zikhokhela khona amanzi nentela kamasipala.

Kuleli sonto i-Institute for Water and Wastewater Technology eDurban University of Technology ithe ithole izinga eliphezulu legciwane i-E. coli emabhishi angu-11 aseThekwini.

Lapha kubalwa iBallito Tidal Pool, iWestbrook Beach, Umdloti Beach, iGlenashley Beach, uVirginia Beach, Umgeni River, Umgeni River mouth, uLaguna Beach, iCountry Club Beach, iBay of Plenty, ne-Addington Beach.

Ukubhukuda komphakathi kulawa mabhishi kuyaqhubeka naphezu kwezixwayiso zangaphambili zokuthi awaphephile.

I-ANC KwaZulu-Natal ithe ukukhethwa kukaXaba “kuzongenisa inkathi entsha yokusheshisa ukulethwa kwezidingo kubantu ukuze kuhlomule izakhamizi nosomabhizinisi kuwo wonke amagumbi eDolobha”.

“IMeya entsha uCyril Xaba ungumholi ofanele ozohola ekuhlelweni kabusha kwedolobha ukuze aqinisekise ukuthi liyahlangabezana nezidingo zabahlali kanye nebhizinisi.”

Isikhala semeya sivuleke lapho i-ANC ijuba loyo obeyimeya ngaphambi kokhetho lwangoNhlaba kulo nyaka, uMxolisi Kaunda, ukuba ayoyimela kwiNational Council of Provinces.

Izihloko zakamuva