
Kamogelo Olaitan
Ngenxa yokushoda kukamanyolo wamakhemikhali okubangelwe impi yase-Ukraine abacwaningi bacabanga ukuthi bathole enye indlela yemvelo eyingqayizivele abangayisebenzisa njengomchamo womuntu.
Umchamo utholakale kuyiwona olungile futhi awungcolisi kakhulu kunomanyolo wokwenziwa.
Inhlangano engenzi nzuzo eMelika i-Rich Earth Institute isiqale uhlelo lokugaywa kabusha komchamo esifundazweni sase-Vermont.
I-Rich Earth Institute ibisebenza ngezinye izindlela zokuphatha imfucuza isikhathi esingaphezu kweminyaka eyishumi manje kubhekwa izindlela zokusebenzisa umchamo njengomanyolo ukuze kutshalwe izitshalo.
I-Russia ithumela u-20% kamanyolo kwamanye amazwe kanti i-Belarus ithumela u-40% we-potassium. Nokho ngenxa yezijeziso zaseNtshonalanga ngenxa zokuhlasela kwe-Russia ihlasela i-Ukraine nabanye abalimi bomhlaba baye banqanyulwa kweminye yale mithombo.
U-Abraham Noe-Hays ongumqondisi wokucwaninga e-Rich Earth Institute utshele i-New York Times ukuthi “Uma wonga wonke umchamo owukhiqizayo ngosuku kunomanyolo owanele ukuze uthole ukolweni owudingayo wenze isinkwa.”
Isikhungo siphinde sabheka umphumela wemithi emchameni nokuthi lokho kuzoba nomthelela omubi kangakanani ekukhuleni kwezitshalo.
Kodwa ucwaningo olwenziwe ithimba phakathi konyaka ka-2014 no-2020 lwathola ukuthi nakuba kunemithi ethile etholakala kumchamo, kodwa mancane kakhulu amazinga okuthi ungangasebenza kwizitshalo.
I-Times iphinde yabika ukuthi le nhlangano iqoqe umchamo wamavolontiya endawo angu-200 ukuze asetshenziselwe ucwaningo emapulazini amaningi endaweni.
UNowa Hoskins ongumlimi wase-Dummerston osebenzisa lo mchamo ezindaweni ezifuywayo lapho efuye khona izilwane ezahlukene njengezinkomo, izingulube, izinkukhu namagalikuni uthe ubona imiphumela eqinile yomchamo futhi ufisa sengathi isikhungo singabanikeza eminye imichamo eyengeziwe.