Ukusebenza izinsuku ezine ngesonto kubonakale kuphumelela kakhulu kunokusebenza izinsuku ezinhlanu, ngokusho kososayensi abenza ucwaningo lwezinyanga eziyisithupha olwaqala ngoNhlolanja nyakenye. Abacwaningi benze lokhu njengengxenye yomkhankaso wokufinyeza isonto lokusebenza bakubiza ngomnyakazo wokusebenza izinsuku ezine ngesonto.
Abanikazi bezinkampani ezingu-33 ezinabasebenzi emazweni ayisithupha behlise umthwalo wabasebenzi babo waba izinsuku ezine noma amahora angu-32 ngesonto njengengxenye yocwaningo lwesigamu sonyaka. Inhloso bekuwukubona ukuthi abasebenzi bangakwazi yini ukukhiqiza u-80% wesikhathi ngesikhathi behola imali efanayo.
Imiphumela yocwaningo lwezinyanga eziyisithupha ibe mihle kakhulu, kusho i-4 Day Week Global – okuyinhlangano engenzi nzuzo. Izinkampani ezisohlelweni zibike ukwanda kwemali engenayo kanye nempilo ethuthukisiwe yabasebenzi kanye nokuphila kahle, futhi kuze kwaba nomthelela omuhle emvelweni.
U-Orla Kelly oyisazi sezokuhlalisana kwemvelo e-University College Dublin e-Ireland nowayengumcwaningi oholayo kulolu cwaningo, uthe izinsuku ezimfushane zokusebenza zisiza abantu ukuthi benze izinqumo ezithinta imvelo.
“Uma abantu besebenza amahora amade bavame ukugxila kakhulu emsebenzini okugcina sekunzima ukuthi bathathe izinqumo,” esho.
Kodwa-ke, seninabo: ubufakazi obuphathekayo bokuthi umphathi wakho kufanele akunike ikhefu ngoLwesihlanu – noma ngoMsombuluko – ukuze wenze imali eyengeziwe.
Ngezinye izikhathi awukwazi ukuphikisana nesayensi!
Luhlanganiswe nguMashudu Mabila
Esithombeni esingenhla: Amahhovisi ezinkampani
Umthombo wesithombe: Inc. Magazine