Ucwaningo lwezempilo lwaseNingizimu Afrika oluzimele kanye nelomphakathi lukhombisa ukuthi umuthi wokugomela i-Covid-19 uyasebenza ekuvikeleni i-Omicron

Xolile Bhengu

I-Discovery Health kanye ne-South African Medical Research Council (i-SAMRC) babambisene ekunikezeni ubufakazi obusekela ukusebenza komgomo we-Covid-19 ngokumelene nohlobo olusha lwe-Omicron.

Isikhulu se-Discovery Health udokotela uRyan Noach uthe lolu hlelo, oselukhiphe  imigomo engaphezu kwezigidi ezintathu, luthole ukuthi abantu bangakwazi ukuzivikela ngendlela esezingeni eliphezulu inqobo nje uma bengagonywa kabili ngomgomo we-Pfizer.

UNoach uthe imithamo emibili ephelele ye-Pfizer ivikela ngo-70% ekungenweni i-Covid-19 esimweni sokutheleleka nge-Omicron.

“Kulokhu kuvikeleka kubalwa  wonke umuntu nalabo abanezifo  eziningi.

“Kulabo asebeluleme ekuhlaselweni kwangaphambilini kwe-Covid-19 phakathi nonyaka ka-2021 banobungozi  obukhulu bokuphinda batheleleke nge-Omicron,” kusho uNoach.

Ubuye wengeza ngokuthi kubantu abadala kwehle ngo-29% ubungozi bokungeniswa esibhedlela obuxhumene nokutheleleka nge-Omicron uma kuqhathaniswa negagasi lokuqala lokutheleleka eNingizimu Afrika maphakathi nonyaka ka-2020.

Usolwazi we-SAMRC uGlenda Gray uthe okuhlukile nge-Omicron ukuthi utheleleka kalula kanti nayo isabalala ngokushesha, kodwa usakholelwa ukuthi imigomo ekhona iyasebenza.

“Isikhathi esifushane sokuzivalela kanye nesikhathi esifushane sokugula singanciphisa ukusabalala. Kodwa-ke, umuntu uzodinga ukubheka isikhathi ephela ngaso. Kubantu abanamasosha omzimba ahlulekayo ukulwa nalesi sifo, noma ukulwa naleli gciwane kungase kube lukhuni,” kusho uGrey.

Uthe bebebheke ukusebenza komjovo wokugoma i-Johnson & Johnson (J&J) ukuthi ungamelana yini nohlobo olusha lwe-Covid-19.

“Yize sibe nezifo eziningi, kodwa isibalo sokungeniswa kwabantu esibhedlela sehlile futhi kuze kube manje abekho abantu abashonile, okukhombisa ukuthi umgomo uyasebenza ukulwa nezifo ezinzima. Sizokwenza ucwaningo mayelana nokusebenza komgomo maduze nje.”

Wengeze ngokuthi izingane ezingaphansi kweminyaka engu-12 kufanele zigonywe njengoba kubonakala eMelika.

“Akekho osagome ngomjovo we-J&J osashonile njengoba kukhona i-Omicron kanti lokhu kubuyisa ithemba,” kusho yena.

UGrey wabelane ngokuthi i-SAMRC iqophe inani labasebenzi bezempilo abangu-218,000 asebegomile.

Izihloko zakamuva