Ucwaningo luveza ukuthi abadlali abaningi baba nengcindezi

Dylan Bettencourt

Ucwaningo lwakamuva luthole ukuthi ukukhathazeka, ingcindezi  nokuphazamiseka ngendlela abantu abadla ngayo kuyindaba ebalulekile kubadlali bebhola besifazane abangochwepheshe emiqhudelwaneni we-elite yase-England.

Ucwaningo luhlole izinkinga zempilo yengqondo phakathi kwabadlali bebhola laveza ukuthi u-36% wabesifazane unezimpawu zokuphazamiseka ngendlela abadla ngayo.

Kwabesifazane abangu-115 ababambe iqhaza kucwaningo abangu-11% babonise izimpawu zokuba nenkinga ekuthandeni ukudla kakhulu kanti u-11%  uhlushwa ingcindezi. 

Nakuba izinga lokukhathazeka nokucindezeleka liye lafana kweminye imikhakha yezemidlalo kubo bonke ubulili, kodwa izibalo zokuphazamiseka kwendlela abadla ngayo ziletha ukukhathazeka.

“Esikutholile kuvela ukuthi u-35% wabadlali bebhola okwamanje uzama ukwehlisa isisindo kanti u-45% ubike ukuthi uzame ukwehlisa isisindo emasontweni amane adlule,” kusho umbhali uCarly Perry wesikole sezemidlalo nesayensi nezempilo eNyuvesi yase-Central Lancashire. 

“Okubalulekile lezi zibalo ziqoqwa phakathi nesizini.”

UPerry wengeze ngokuthi ukhathazekile ngokuphazamiseka kwendlela abadlali abadla ngayo osekujwayelekile endaweni yemidlalo yokuncintisana.

“Sikholwa ukuthi lokhu abakutholile kuzoqinisekisa ukuthi kuqhutshekwe nophenyo lokuthi abadlali bazama kanjani ukwehlisa isisindo ngesizini ezayo. 

Kungenzeka ukuthi ukuphazamiseka kwendlela abadla ngayo sekujwayelekile endaweni yezemidlalo yabadlali bebhola,” kusho uPerry.

Ucwaningo luphinde lwathola ukuthi ukukhathazeka nengcindezi kwenyukile ngesikhathi se-Covid-19.

UPerry uthe izimfuno ezintsha ezibekwe ebholeni labesifazane abasezingeni eliphezulu ngezindima zabezindaba ukuzibandakanya kwabalandeli, uxhaso kanye nokusebenzisana kwezentengiselwano okwenzeka ebholeni labesifazane e-England kwandisa izimpawu zengcindezi.

Lolu cwaningo luphinde lwaphakamisa ukuthi impilo yengqondo yabadlali incike ekutheni bajwayele kangakanani ukuba khona enkundleni uma umdlalo uqala.

“Abadlali bebhola bangase badinge ukuhlolwa okwengeziwe ukuze kuhlonzwe kusenesikhathi izinkinga ababhekana nazo ngokwengqondo,” kusho uPerry.

Umthombo wesithombe: @Olympics

Izihloko zakamuva