Lubhalwe nguBuziwe Nocuze
I-Western Cape Anti-Corruption Unit ye-SAPS ibophe uConstable (court orderly) obhekelela izinto eNkantolo yeMantshi yaseKhayelitsha ngokudayisa izidakamizwa kanye nokutholakala nezinhlamvu ezingekho emthethweni.
Okhulumela amaphoyisa uLieutenant-Colonel Malcolm Pojie uthe amaphoyisa alunywe indlebe ngoLwesine ukuthi izidakamizwa nezinye izimpahla zilethwa kuconstable azishushumbise kwiziboshwa ezisalinde ukuqulwa kwamacala.
“Ilungu beliqashwe ngelokhozi eNkantolo yaseKhayelitsha, lapho libonakale limukela amaphasela amaningi kumalungu omphakathi, labe seliwafaka emotweni yalo,” kusho uPojie.
Ngesikhathi amaphoyisa esesha imoto, athole ukudla, ugwayi (tobacco), omakhalekhukhwini, amaphasela amancane angu-21 ensangu, ugwayi, nezinhlamvu ze-.45 caliber, nemali okukholakala ukuthi eyeziboshwa.
UConstable uzovela eNkantolo yeMantshi yaseKhayelitsha.
UMnuz Siyabonga Thizana, oyisakhamuzi sakule ndawo, uphakamise ukuthi kungenzeka ukuthi uConstable waphoqeleka ukuthi ashushumbise lezi zimpahla.
“Mhlawumbe usatshisiwe, ukunqaba kwakhe kwakungasho ukubeka umndeni wakhe usengozini,” usho kanje.
Kodwa-ke, uThizana wengeze ngokuthi uma uConstable engaphoqwanga kumfanele ukujeziswa.
“Uma ekwenze ngokuzithandela, kufanele ajeziswe.”
Esithombeni esingenhla: Uphiko Olulwa Nenkohlakalo lubophe uConstable osebenza eNkantolo yeMantshi yaseKhayelitsha ngamacala ezidakamizwa.
Umthombo: Buziwe Nocuze.
