Lubhalwe nguRorisang Modiba
UConnie Ferguson uxwayisa abalandeli ngezigebengu ezisebenzisa igama lakhe ukuze zikhohlise abantu nge-cryptocurrency.
Abakhwabanisi basebenzisa i-AI (artificial intelligence) ukwenza ama-video calls angamanga abukeka sengathi ukhuluma nesihlabane sikamabonakude.
Isihlabani sikamabonakude uConnie Ferguson usexwayise abalandeli bakhe ngamaqola asebenzisa igama lakhe ukuze antshontshe imali yabantu ngama-cryptocurrency angamanga.
Umlingisikazi owaziwayo ungene ezinkundleni zokuxhumana etshela abantu ukuthi akahlangene nokuhweba ngemali ku-inthanethi.
“Angikwenzi ukuhweba ngemali ku-inthanethi. Ngeke ngicele noma ubani imali!” echaza.
UFerguson uxwayise ngokuthi kulezi zinsuku izigebengu zisebenzisa i-AI ukuze zenze izingcingo zama-video calls kube ngathi ziphuma kubantu abadumile.
“Lezi zigebengu sezithuthuke kakhulu zisebenzisa i-AI ukufonela abantu nge-video call zisebenzisa imininingwane yomunye umuntu futhi zibaqole ngemali abayisebenzele kanzima,” kuchaza uFerguson.
Utshele abalandeli bakhe ukuthi bathembe imizwa yabo uma kukhona abakusolayo mayelana nokutshala imali.
“Ungawushayi indiva umuzwa okutshela ukuthi kukhona okungalungile! Zivikele wena nemali yakho. Uthando nezibusiso njalo.”
Esithombeni esingenhla: UConnie Ferguson.
Umthombo: Instagram