Lubhalwe nguRorisang Modiba
Umculi we-Afro-pop uNkululeko Nciza udume ngelikaCiza usephendule amahlebezi asabalele ezinkundleni zokuxhumana ethi yena no-Anele Zondo bangabangani nje futhi unxusa abantu ukuthi bayeke ukusabalalisa izindaba ezingamanga, ikakhulukazi njengoba u-Anele ekhulelwe.
U-Anele “NeyThe Bae” Zondo (31), ungumethuli wezinhlelo zikamabonakude, umlingisi, u-MC, futhi unguzime.
Amahlebezi okuthi uCiza (23), ubethandana no-Anele aqale ngemuva kokusabalala kwevidiyo yakhe ephuma ehhotela eliseSandton nowesifazane ongaziwa.
Le vidiyo yaholela ezinsolweni zokuphinga, kodwa uCiza uthe owesifazane okule vidiyo ungumama wengane yakhe.
“Mina no-Anele singabangani abakhulu, sisebenza ndawonye asijoli. Unaye umuntu wakhe kanjalo nami,” usho kanje.
“Konke lokhu akumlungele owesifazane okhulelwe, futhi ngifisa sengathi abantu bangahlonipha imingcele.”
U-Anele ukhulume ku-X ukuze aqede amahlebezi.
“Nonke nikhuluma indaba engesilona iqiniso,” kusho u-Anele.
“Asijoli futhi akayena ubaba wengane yami.”
UCiza ozalwa eBenoni uyindodana kaNobhala we-ANC esifundazweni saseGauteng uThembinkosi “TK” Nciza nomculi weMafikizolo uNhlanhla Mafu (owayenguNhlanhla Nciza)
Abasesithombeni esingenhla: U-Anele Zondo noCiza Nciza.
Umthombo: Instagram