UCisse uyisibani se-Senegal

Lubhalwe nguDylan Bettencourt

Imisebenzi ka-Aliou Cisse eyenze i-Senegal yakwazi ukudlulela esigabeni somkhumulajezi kabili kwiNdebe Yomhlaba ye-Fifa.

Umqeqeshi wompetha base-Afrika wayengukaputeni waleli qembu ngesikhathi liqala ukudlulela kowomkhumulajezi kwiNdebe Yomhlaba yango-2002 eyayibanjelwe e-Japan kanye nase-South Korea.

Yize sekudlule iminyaka engamashumi amabili kodwa lo mqeqeshi (46) ukwazile ukudlulisela iqembu kowomkhumulajezi kwiNdebe Yomhlaba e-Qatar.

UCisse ungomunye wabambalwa abadlala baphinde bamela izwe labo futhi kwangagcina nje lapho kodwa bakwazi nokudlulela esigabeni somkhumulajezi.

Lo mdlali odlala esiswini akungabazeki ukuthi usezakhele igama ebholeni lase-Senegal.

UCisse neqembu lakhe baqale ngokuthi bawine iNdebe yamazwe ase-Afrika kulo nyaka, obekungokokuqala ngqa beyiwina.

Nayo le Ndebe bayiwine ngemuva kweminyaka engu-20 uCisse agcina ukudlala kowamanqamu e-Afcon ngo-2002. Kodwa abayiwinanga iNdebe ngalowo nyaka.

Njengomqeqeshi, uCisse udlulisele iqembu lakhe kowamanqamu ngo-2019 kodwa nakhona abanqobanga futhi.

Ngo-2022, sekudlule iminyaka emithathu, uCassie ukuphindile lokho wahola i-Senegal yaze yanqoba emdlalweni wayo ne-Egypt e-Cameroon.

Ukuphumelela kwakhe akubanga lula njengoba wahamba wayohlala e-France eneminyaka eyisishiyagalolunye.

Udlale iminyaka emithathu eqenjini i-Paris Saint-German ngaphambi kokuthi ayodlalela amaqembu amabili akwi-English Premier League i-Birmingham City kanye ne-Portsmouth.

Ngesikhathi uCisse ese-England kwashona amalungu omndeni wakhe angu-11 acwila nomkhumbi owawusuka e-Gambia uya e-Senegal.

Ngo-2015 uCisse waqokwa njengomqeqeshi we-Senegal, kuze kube inamhlanje usayiqeqesha.

Impumelelo kaCisse e-Qatar ihlaba umxhwele njengoba iqembu lakhe liqale imidlalo ngaphandle kwesihlabani uSadio Mane, ongakwazanga ukudlala ngoba elimele.

Kungase kube khona ushintsho kwi-Senegal kodwa uma isaqeqeshwa uCisse isazoqhubeka nokulwa.

I-England iyona ezobhekana nokulwa kwe-Senegal njengoba izodlala nayo ngesonto kowomkhumulajezi.

Osesithombeni esingenhla: U-Aliou Cisse

Umthombo wesithombe: @Time

Izihloko zakamuva