Zukile Majova
“Anginalo ikusasa eliqhakazile. Kuyacaca ukuthi ngazalelwa ukuhlupheka ngicabanga ukuthi ukufa kuyindlela engcono kumina.”
Incwadi ebhalwe intombazane eneminyaka engu-16 ubudala yase-Maclear e-Eastern Cape eya kumama wayo iphethe ngokuthi “Ngikufisela konke okuhle empilweni ngiyakuthanda qhawe lami.”
Umama uNkeletseng Rwathana ungene ngesikhathi wakwazi ukunqanda indodakazi yakhe ukuthi ingazibulali.
Ibivele isikhihliza amagwebu ngemuva kokuphuza amaphilisi ngokweqile.
UNkeletseng uthole incwadi ngaphansi komqamelo wendodakazi yakhe.
Lesi sigameko sangoMsombuluko silandele amasonto indodakazi yakhe ihlukunyeziwe yaphinde yacwaswa esikoleni yaze yagcina ngokuxoshwa uThishomkhulu esikoleni samabanga aphezulu e-Mthawelanga.
Isono sakhe yini?
Ukuba nobizo lokuba isangoma into eyaziwa ukuthi iyagulisa kuze kube umuntu uyalwamukela ubizo.
Ezinganeni kuyaye kwenziwe isiko lokulibazisa ubizo lwamadlozi kuze kube umntwana uba mdala.
Phakathi naleso sikhathi ingane kudingeka ifake izintambo zobuhlalu obumhlophe esihlakaleni noma ekhanda. Kulokhu intambo yobuhlalu ibisekhanda kanti lokhu bekungahambisani nomfaniswano wesikole.
Ikhungathekile le ntombazanyana yanquma ukuzibulala, ithe ibona iphupho layo elikhulu lokuthola imfundo nokukhipha umndeni wayo ekuhluphekeni lishabalaliswa ngokuxoshwa kwayo esikoleni.
“Ngicabanga ukuthi ukufa kuwukuphela kwendlela engingazizwa ngayo ukuze ngingezwa izinhlungu,” ebhala ephepheni.
UNkeletseng uthe uvakashele kulesi sikole ukuyohlangana noThishomkhulu okuqinisekisile ukuthi kungani umfundi webanga lesikhombisa engasavumelekile ukuthi abuyele esikoleni.
Usuke lapho umama waya eMnyangweni wezeMfundo esifundeni kanti icala liphenywa izikhulu.
Okwamanje indodakazi yakhe isesibhedlela i-Maclear General ithola ukwelashwa nokwelulekwa.
Isishoshovu samalungelo ezingane uMnu uPetros Majola we-Khula Community Development Project e-Eastern Cape ubhalele uNgqongqoshe wezeMfundo uFundile Gade.
NgoLwezi nyakenye intombazane eneminyaka engu-16 enobizo esikoleni samabanga aphezulu e-Bhisho yazibulala ngemuva kokuba othisha ababili beyihlukumeza futhi beyibiza ngomthakathi. Ukushona kwayo kwadonsa imibhikisho yezangoma nabafundi okuholele ekutheni labo thisha abathintekayo banikwe ikhefu eliyisipesheli.
NgoNhlolanja izikole ezintathu ezahlukene KwaZulu-Natal zixoshe abafundi ngenxa yobizo lukamoya.