Ucishe wangayithola indondo yegolide umshayeli wamabhayisekili oqhamuka eNingizimu Afrika.

Dylan Bettencourt

Umjaho kaPieter Du Preez ucishe waphela ngezinyembezi ngesikhathi obehamba ngebhayisekili ephaphalaza ebheke ngakuye, kodwa wasinda ngokulambisa ngenkathi evika waphinde watholela iNingizimu Afrika enye indondo yegolide.

Lo msubathi oneminyaka engama-41 ongenele umijaho wabesilisa bamabhayisikili, udlale i-cycling time H1 kwimidlalo yase-Tokyo yangowezi-2020 yabantu abaphila nokukhubazeka, umdlalo ocishe waphela ngendlela ethusayo ngesikhathi uDu Preez egijima kakhulu eseqeda amakhilomitha akhe okuqala ayi-8 kwase kwaqhamuka omunye umshayeli webhayisekili ephaphalaza eqonde ngakuDu Preez.

“Ngimbone esesondele kimi. Ngase ngashintsha ukuma kwamasondo amabili ngale kwalokho besizoshayisana. Ingalo yami ithinte isondo. Kucishe konakala. Bengindiza kakhulu” kusho uDu Preez etshela i-Team SA website.

UDu Preeze uziphendlele indlela yakhe ngesikhathi ewina ngemizuzu engama-42 namasekhondi angama-49,11, ushiye owesibili ngemizuzu emibili kuphela.

UDu Preez obejabulile ngesikhathi ewina indondo yegolide uthe “angikukholwa lokhu kuyikhethelo kimi. Ngivele ngagcwala izinyembezi emehlweni ngenkathi ngifika kumugqa wokugcina. Namhlanje ngizokhala kakhulu uma sekumele ngilale”.

Lo makadebona wamabhayisekili unekusasa eliqhakazile nokunconywa okukhulu, kodwa selize lafezeka iphupho lakhe lokuwina indondo yegolide.

Le yindondo yesine yeNingizimu-Afrika – kwizindondo ezintathu zegolide.

Umthombo wesithombe: @TeamSA2020

Izihloko zakamuva