Ucishe wadlelwa umuzi usomahlaya wakuleli

Linda Ximba

Ngesikhathi usomahlaya waseThekwini, uSimphiwe Shembe, efaka ividiyo ekhuluma ngokuphatheka kabi kwakhe ezinkundleni zokuxhumana ngeledlule, abalandeli bakhe bebazi ukuthi akuwona umdlalo noma ihlaya.

USimphiwe utshele i-Scrolla.Africa ukuthi ukube abalandeli bakhe nozakwabo abamsizanga, ngabe umuzi wakhe ufakwe endalini ngenyanga edlule.

Uthe isimo sakhe sokuphelelwa yithemba sithinte nozakwabo kwezokungcebeleka nabo abamsize ngakho konke abebenakho.

“Ukuvakwa kwezwe ngenxa yokhuvethe kungishaye kakhulu futhi ngibhalile ngosizi lwami,” usho kanje.

“Okungimangazile ukuthi abalandeli bami basukumile bebodwa bahlanganisa uminikelo. Angizange ngilukholwe uthando abangibonise lona. Ngiyajabula ngokuthi ngiphumele obala ngosizi lwami esikhundleni sokufihla isimo sami esibi”.

Lo somahlaya uphinde wadalula ukuthi wadela imoto yakhe ngoba ubengasakwazi ukuqhubeka nokuyikhokhela.

“Anginandaba kangako ngokulahlekelwa imoto. Okungenani mina nomndeni wami sisenophahla emakhanda ethu,” usho kanje.

USimphiwe uthe adlule kukho kumenze waqhamuka nombukiso wamahlaya i-Save My House azowudlala e-Gateway Hotel ngomhlaka-19 kuNhlolanja.

“Ezinye zezinto engizozisebenzisa kulo mbukiso ngizokhuluma ngokuthi ngicishe ngalahlekelwa yindlu yami. Ngzobe nginoSkhumba Hlophe, uFly Motion, uSimunye Churchboy nabanye kulo mbukiso.

Amathikithi ombukiso angathengwa nge-Webtickets.

Izihloko zakamuva