Farida Joyce
Umcimbi we-South African Music Awards (Samas) obungeSonto e-Sun City, bekungumcimbi wokuqala wezindondo zomculo eminyakeni emibili, kanti osaziwayo bakuleli baphume ngobuningi babo.
UChymamusique ugoduke nezindondo ezihamba phambili, wathola indondo ye-Album of the Year kanye neye-Best Male Artist nge-albhamu yakhe ehlonishwa kakhulu esihloko esithi-Musique.
Ngokunandisa kuka-Stogie T, u-A Reece, no-Tshego kanye nokuhlonipha uRiky Rick ongasekho, umcimbi wezindondo ubuthulwa uNandi Madida kanye noLawrence Maleka.
Phakathi kwabanye abaculi abebenandisa kulo mcimbi bekukhona uMakhadzi, uTakie Ndou, uShekinah, uMusa Keys, uKonke, uDa Capo kanye noLloyiso.
UChymamusique uwine izindondo ezihamba phambili nge-albhamu yakhe esihloko esithi-Musique kanti kulezi zindondo kubalwa eye-Male Artist of the Year kanye neye-Album of the Year.
“Engingakusho ukuthi ngibonga uNkulunkulu nabo bonke abantu abalalela umculo wami” kusho uChymamusique ngemuva kokuthola indondo yesibili kulo mcimbi.
Ngemuva kweminyaka engu-16 esembonini yomculo uZakes Bantwini osanda kumemezela ukuthi uzoyeka umculo usanda kuwina izindondo ezimbili kuma-SAMAs okuqala nge-Best Collaboration kanye ne-SAMRO Highest Radio Airplay Composer Awards ngengoma yakhe ehamba phambili ethi “Osama.”
Njengomculi omusha kule ndima yomculo, uBlxckie uwine indondo ye-Best Hip Hop Album nge-albhamu yakhe ethi-B4Now kanti uReece Madlisa kanye noZuma bathole izindondo ze-Best Duo/Group kanye neye-Newcomer of the Year. UKhanyisile Mthetwa uwine indondo ye-Newcomer of the Year.
UMusa Keys ongumculi wama-piano uwine indondo ye-Record of the Year ngengoma ethi Vula Mlomo, uphinde wacula ingoma yakhe eshisa izikhotha ethi-Selema avale ngayo umcimbi.
Uhlu oluphelele lwabaculi abawinile:
I-Album of the year: iwinwe uChymamusique nge-albhamu yakhe ethi-Musique
I-Best Duo or Group of the Year: Ama-Roto Vol.2 kaReece Madlisa kanye noZuma
I-Best Female Artist of the Year: I-Platinumb Heart kaMsaki
I-Best Male Artist of the Year: UChymamusique nge-albhamu yakhe ethi-Musique
I-White Star Newcomer of the Year: i-African Bird kaKhanyisile Mthetwa
I-Besy Hip Hop Album: i-B4NOW kaBlxckie
I-Best Collaboration: “i-Osama” kaZakes Bantwini kanye noKasango
I-Best Amapiano Album: i-Noyumato kaYoung Stunna
I-TECNO Record of the Year (ROTY): “i-Vula Mlomo” kaMusa Keys ehambisana noSir Trill kanye noNobantu Vilakazi
I-TECNO Music Video of the Year (MVOTY): I-Ghanama kaMakhadzi ayicula ngokuhlanganyela noPrince Benza
I-SAMPRA Artist of the Year (AOTY): i-Haksul MUZIQ
I-TikTok Most Viral Song of the Year: “uMlando” ka-9umba, uTOSS kanye noMdoovar
I-Samro Highest Radio Airplay Composers: “i-Osama” ka-Zakes Bantwini
I-CAPASSO Most Streamed Song of the Year: “I-Abalele” kaKabza De Small kanye noDJ Maphorisa ayicula ngokuhlanganyela no-Ami Faku
I-International Achiever inikwe uBlack Coffee kanti eye-Lifetime Achiever Awards itholwe uJoe Nina, uJimmy Dludlu kanye noMcCoy Mrubata.