UChristiano Ronaldo angaba senkingeni ngenxa yokwephula imithetho eqinile yase-Italy yomvalelo ngokuthatha uhambo eyoncebeleka nentombi yakhe.
NjengeNingizimu Afrika, i-Italy ifake imithetho ye-Covid evimbela ukuhamba ezifundeni naphakathi kwamadolobha. Ushicilelo i-Corriere dello Sport luthi uRonaldo, ongomunye wabahlonishwa kakhulu ebholeni, kungenzeka ukuthi wayishaya indiva imithetho ngesikhathi ehamba egudla ukuyogubha usuku lokuzalwa lwentombi yakhe uGeorgina Rodriguez lweminyaka engama-27 ubudala endaweni yobumnandi yokushibilika eqhweni.
I-ski resort Courmayeur icishe ibe ngamakhilomitha angama-149 ukusuka e-Turin, futhi bekuzodingeka eqe umngcele ophakathi kwezifunda ezimbili ukufika lapho.
Kukholakale ukuthi bebehlala ehhotela okusobala ukuthi belivaliwe ngokusemthethweni kulolu hambo lwabo lwezinsuku ezimbili, okusho ukuthi bephule imithetho ye-Covid-19 ngokuhamba phakathi kwamadolobha ngokwenza lokho.
Ngesikhathi ejabulela ubumnandi bohambo lwakhe abalingani beqembu lakhe bebengamkhumbule: ngaphandle kukaRonaldo iJuventus ikwazile ukushaya amagoli amane ngesikhathi ibhekene neSPAL ngoLwesithathu yanqoba ngamagoli amane eqandeni.
Yize noma uRonald engakahlawuliswa okwamanje ngokungayinaki imithetho ye-Covid – ekhona kuze kube umhla ziyi-15 kuNhlolanja – kubikwa ukuthi lo mfana oneminyaka engama-35 uphenywa ngemuva kwividiyo eveza yena noGeorgina behamba ngemoto yeqhwa ‘endaweni yezokuvakasha okumele ngabe ivaliwe’ ivele ezinkundleni zokuxhumana.
Ividiyo yesibili eyimzuzu engama-23 ebonakale ithathwe ngumlandeli, isuswe ngemuva nje kokuba ifakwe ku-akhawunti yakhe ka-Instagram.