UChris Gayle uzimisele ngokuthola indawo kwi-World T20

Sphiwe Masilela

Umakadebona uChris Gayle odlalela iWest Indies, uthembise ukuthi uzosebenza ngokuzikhandla kwi-T20 International Series ezoqinisekisa ukuthi uzibekela indawo eqenjini lomhlaba le-T20 ngasekupheleni konyaka.

UGayle uqokwe eqenjini labadlali abayi-14 beWindies emdlalweni owuchungechunge wemidlalo emithathu we-T20 bedlala neSri Lanka, ozoqala e-Antigua ngoLwesithathu.

“Ngifuna ukuqala ngokunqoba uchungechunge kodwa okubaluleke kakhulu ukuthola izicoco ezintathu ze-T20 ngaphansi kwebhande lami,” kusho uGayle oneminyaka engama-41 ubudala, etshela isithangami sabezindaba.

“Kodwa ngizogxila kokubaluleke kakhulu, okungukunqoba isicoco somhlaba se-T20 sesithathu neWest Indies ngasekupheleni konyaka. Le injongo engifuna ukuyifeza”.

UGayle, owayeyingxenye yamaqembu anqoba iWorld T20 ngowe-2012 nangowe-2016, wadlala owokugcina emidlalweni yakhe engama-58 e-T20 bedlala neNgilandi ngoNdasa kowe-2019.

Uma kukhulunywa nge-T20, uGayle ungumpetha owaziwayo. Unerekhodi le-T20 lama-run ayi-1 627 anamaphuzu aphakeme kakhulu ayi-117 ngesilinganiso esingaphezu kwama-32. Akukhona nje ukuthi isibalo sakhe samakhulu eminyaka angama-22 kuyo yonke ikhilikithi ye-T20 siqopha umlando emhlabeni, kodwa sihola ngamaphuzu ayi-14 ukwedlula noma ngubani omunye umuntu. Abase-Australia, uDavid Warner, uAaron Finch noMichael Klinger bonke basashaye amarekhodi ayisishiyagalombili.

“Kuhle impela ukubuya. Ngiyethemba ukuthi ngizokwazi ukwenza futhi ngisize iqembu lithole indawo yokuwina,” kusho uGayle.

“INdebe yoMhlaba ibukeka isekude kodwa uzothi uyacwayiza nje ubone sekuyisikhathi sayo iNdebe yoMhlaba.”

Iqembu leWindies lizozama ukuvikela isicoco sabo eNdiya ngoMfumfu nangoLwezi.

Izihloko zakamuva