Lubhalwe nguRorisang Modiba
Umculi waseMelika uChris Brown utshele abalandeli bakhe ku-Instagram ukuthi uza eNingizimu Afrika.
Lezi zindaba ziza ngemuva kweDStv Delicious Festival, lapho bekunandisa khona izihlabani ezifana noBusta Rhymes noJill Scott.
Abalandeli bakhe abasakwazi ukulinda ukuzwa kabanzi ngokuthi lo mculi oneminyaka engu-35 uhlela ukuvakasha nini.
Lo mculi we”Ten Toes” uphinde wamemezela ukuthi ubhekise amabombo e-Brazil.
Yize engazikhiphanga izinsuku, abalandeli sebevele bagcwele injabulo ezinkundleni zokuxhumana.
Abantu bazwakalise ukujabula kwabo ku-X kulandela lesi simemezelo.
“UChris Brown uza eNingizimu Afrika?! Yoh, liyahamba ifriji likamama,” kubhala omunye ezinkundleni zokuxhumana.
Omunye uphawule wathi: “Ngibheke ikhasi lakhe ukuze ngiqiniseke. Sengizothatha isinqumo esingalungile ngemali.”
Omunye wenze ihlaya ngokuthi kuzofanele kudayiswe enye yezinkomo zikayise ukuze kuthengwe amathikithi.
“Ubeyintandokazi yami kusukela esikoleni. Enye yezinkomo zikababa izohamba nakanjani,” ebhala.
Esithombeni esingenhla: UChris Brown.
Umthombo: Instagram