Uchonywe olwegwalagwala unompempe wase-Australia

Lucky Sithole

Unompempe wase-Australia uNic Berry, uqokwe njengo nqobe umklomelo we-Roger Vanderfield Referee of The Year yonyaka ka-2021.

Kwenzeka lokhu nje umphathi webhola lombhoxo waseNingizimu Afrika uRassie Erasmus ubeseqala ukukhohlwa nge-vidiyo ayenza ngemuva kokuhlulwa kwi-Test yokuqala bebhekene nama-Lions ngoNtulilazi 2021.

Kule vidiyo, u-Erasmus usole uBerry ngokungamhloniphi ukaputeni wamaBhokobhoko uSiya Kolisi waphinde waveza izinqumo ezingalungile ezingase zenziwe ngunompempe ngesikhathi se-Test yokuqala.

UNic Berry akayitholanga indondo ngenxa yevidiyo eyenziwe nguRassie. Phela akukhona okokuqala ngqa uBerry enikezwa le ndondo.

Useke wayithola ngonyaka ka-2019 kwathi ngonyaka ka-2021 waphinde waphatha isizini ye-Super Rugby AU neye-Super Rugby Trans-Tasman, ngesikhathi se-Test ngoNtulikazi, ngoMfumfu kanye noLwezi.

Akukho futhi okushiwo ngoNic Berry ekhala esidlangalaleni mayelana nevidiyo nokuthi akazi lutho ngayo.

“Ngichithe iminyaka eminingi ngizama ukuzakhela igama njengonompempe wamazwe omhlaba futhi ngifunde isifundo ngevidiyo efakwe ku-inthanethi, uMnu u-Erasmus udale umonakalo ongenakulinganiswa,” futhi “isithunzi sami njengonompempe sizokonakala unomphela,” esho esitatimendeni.

Kuvele kwaqondana.Ilokho okwenzekile. Ukuqondana.

Sinethemba lokuthi uzozizwa engcono kakhulu manje.

Mhlawumbe uma uRassie ekhulume ekhala ngendlela isithunzi sakhe esingcoliswe ngayo angase athole indondo.

Njengoba umbhali webhola lombhoxo uMark Keohane esheshile ukubona ukuthi,  “ umuntu oveza amaphutha angajwayelekile angu-30 akatholi lutho kodwa umpetha owenze amaphutha uthole indondo ye-Referee of the Year.”

Umthombo wesithombe : @WalesOnline

Izihloko zakamuva