UChidimma usehoxile kuMiss SA

Lubhalwe nguRorisang Modiba

UChidimma Adetshina usephumile emqhudelwaneni kaMiss South Africa osekusele izinsuku ezimbili nje uqale.

Lesi simemezelo siphume ngemuva kwesikhashana i-Patriotic Alliance (PA) ifake amaphepha enkantolo ukuze imvimbe ukungenela lo mncintiswano kazime.

NgoLwesithathu uMnyango wezaseKhaya umemezele ukuthi uphenyo lwawo mayelana nodaba lukaChidimma luthole umkhonyovu okusolwa ukuti wenziwa ngunina, osolwa ngokweba imininingwane yomuntu thizeni waseNingizumu Afrika.

I-Patriotic Alliance (PA) isithathe izinyathelo eziphuthumayo zenkantolo zokuvimba uChidimma kulo mqhudelwano.

IPhini likaMengameli we-PA uKenny Kunene uthe bathemba ukuthi icala lizoqulwa mhlaka-10 kuNcwaba ngo-10 ekuseni futhi balinde ukuqinisekiswa kwejaji eliphezulu.

“Silinde kuze kushaye ihora lesine ukuze siqinisekise nejaji elikhulu ngokwabiwa kwalolu daba,” kusho uKunene.

Ukubamba iqhaza kukaChidimma kube nengxabano ngoba uyise ungowase-Nigeria kanti unina ngowase-Mozambique, nakuba kubikwa ukuthi wazalelwa futhi wakhulela eNingizimu Afrika.

Osesithombeni esingenhla: UChidimma Adetshina.

Umthombo: Instagram

Izihloko zakamuva