Lubhalwe nguRorisang Modiba
UChidimma Vanessa Onwe Adetshina (23) obezongenela umncintiswano kaMiss South Africa, kuthiwa uzame ukuzibulala ngemuva kokuphuma kulo mqhudelwano.
Izindaba zokuzama ukuzibulala zisabalale ezinkundleni zokuxhumana ngoMsombuluko ntambama.
Ngokwe-blog ebizwa ngokuthi I-IGBO History & Facts, “UChidimma Onwe Adetshina kubikwa ukuthi wenze umzamo wokuqeda ngempilo yakhe ngenxa yezinkulumo ebezivela ku-inthanethi nokuhoxa ekubambeni kwakhe iqhaza emqhudelwaneni kaMiss South Africa 2024”.
UChidimma, owazalelwa eNingizimu Afrika kubazali base-Nigeria, ubhekane nokuhlukunyezwa nokucindezelwa okuholele ekutheni ahoxe kumqhudelwano ngenxa yemvelaphi yakhe.
Uhoxile emqhudelwaneni sekusele izinsuku ezimbili kuqale umcimbi ngemuva kokuthi iPatriotic Alliance ifake amaphepha enkantolo ukuze imvimbele ukuthi angenele umqhudelwano.
UMnyango wezaseKhaya umemezele ukuthi uphenyo lwabo mayelana nokuba yisakhamuzi kukaChidimma luthole ukukhwabanisa, unina usolwa ngokweba imininingwane yobuzwe bomuntu waseNingizimu Afrika.
Yize ephumile emqhudelwaneni, uChidimma uhalalisele uMia Le Roux, osanda kuqokwa njengoMiss South Africa 2024, nabanye ababambe iqhaza.
Osesithombeni esingenhla: UChidimma Vanessa Onwe Adetshina.
Umthombo: Instagram