Ecaleni eliqhubekayo lokubulawa kukaSenzo Meyiwa, umdidiyeli womculo uSello “Chicco” Twala uzichithile izinsolo zakamuva ngendodana yakhe, uLongwe.
Ekhuluma ne-The Citizen ngoLwesithathu ebusuku, uTwala uphike lokho okushiwo omunye wabameli othe uLongwe uyathinteka ekudutshulweni kwalesi sihlabani sebhola ngo-2014.
NgoLwesithathu enkantolo eNkulu eNorth Gauteng, ePitoli, u-Adv Thulani Mngomezulu, omele omunye wabasolwa, uMzikawukhulelwa Sibiya, uphakamise ukuthi uLongwe wazidubula ngephutha ngesikhathi belwa noMeyiwa ngobusuku bokubulala.
UTwala ukubize ngenhlekisa lokho.
“Ubani nje umuntu ongazidubula ngesibhamu ahambe ngendlela ejwayelekile ngaphandle kokuxhuga? Indodana yami ingumuntu, hhayi uSuperman,” kusho yena.
Uthe azikho izimpawu zokulimala kuLongwe, ngalobo busuku wathatha uLongwe nabanye ababesendaweni yesigameko wabayisa esibhedlela.
“Abezindaba nabantu basesibhedlela bebezoqaphela uma indodana yami ilimele futhi ixhuga,” usho kanje.
UTwala uphinde wakhomba ezithombeni ezabiwe kabanzi zikaLongwe ehamba ngaphandle kobunzima.
Uthe abantu abaningi baseNingizimu Afrika babone izithombe zendodana yakhe ku-Netflix nakwezinye izindawo, ihamba nowayeyintombi yayo uZandile Gumede-Khumalo beya emotweni.
“Pho kungani wayengaxhugi uma ezidubulile,” kubuza uTwala.
UMngomezulu uphakamise ukuthi kungenzeka ukuthi uLongwe wadubula esebenzisa isibhamu sikaTwala sohlobo lwe-9mm Parabellum.
Kodwa-ke, uTwala uveze ukuthi ongoti bathe ayikho into ehlanganisa isibhamu sakhe nesigameko njengoba, nezinhlamvu ezitholwe endaweni yesigameko zingahlangani naso.
“Ummeli kumele ayeke ukubuka iTikTok nezinkundla zokuxhumana lapho abantu bethi ngilahlekelwe isibhamu sami,” usho kanje.
Luhlanganiswe ngumbhali we-Stuff
Isithombe esingenhla: UChicco Twala nendodana yakhe uLongwe.
Umthombo: X