UCheslin, uSiya noMorné babhaxabule ama-Lions

Jóhann Thormählen

Babize ngokuthi abashayi be-British and Irish Lions!

Bekubhalwe ezinkanyezini ukuthi uSiya Kolisi nabadlali bakhe be-Springboks bazonqoba njengoba bebephethe isikhali esiyimfihlo noma ezimbili emdlalweni wokunquma ngenkathi bedlala ne-British and Irish Lions.

Kube sekungena uCheslin Kolbe noMorné Steyn.

Umakadebona we-fly half wadlala umdlalo wakhe wokugcina ne-Bok eminyakeni emihlanu eyedlule futhi waphinda waba ngumsindisi ngenkathi engena esikhundleni somunye – njengeminyaka eyi-12 eyedlule bedlala ne-British Lions.

Lo mdlali oneminyaka engama-37 ukhahlele iphenalthi yokuwina, ngemuva kokuthi uHandré Pollard egeje ambalwa, ngomzuzu wama-75 ukuthola umdlalo wesithathu e-Cape Town Stadium ngokunqoba umdlalo ngo-19-16. Futhi ngendlela efanayo kwiNdebe Yomhlaba yowezi-2019 uKolbe wazimisela ngenkathi kubaluleke kakhulu.

INingizimu Afrika izozibuza ukuthi kungani ibhola bengalinikanga i-winger encane kwi-series. Udlalise ezokuvikela ze-British Lions kanzima ngesikhathi eshaya igoli ngomzuzu wama-57 esendleleni eya kwi-Bok try kuphela.

Igazi beligeleza enkundleni futhi abadlali abaningi bekufanele bathungwe. Ama-Boks awazange ahlehlele emuva futhi isibonelo esivelele bekunguKolisi ophinde wadlala kahle njengokaputeni.

Umholi we-Bok ushaye into ecokeme, wahola ukuhlangana ngokomzimba futhi weba ibhola elibalulekile kulayini wakhe we-try ngaphambi nje kwekhefu.

I-British Lions bekufanele ihole ngo-10-6 ekhefini njengoba ama-Boks enza amaphutha futhi ulayini wabo awuzange usebenze kahle. Kodwa esiwombeni sesibili ibhentshi laseNingizimu Afrika lenze iqhinga futhi.

Omunye ongene esikhundleni somunye owenze umsebenzi omuhle kakhulu nguTrevor Nyakane osize ama-Boks ukuthi aqhubeke nokukhonya kwawo ngemuva kokungena enkundleni.

UKolisi nama-Boks akhe manje abagcini ngokuba ngabanqobi beNdebe Yomhlaba kuphela, kodwa bangabashayi be-British Lions.

Abashaye amaphuzu: AmaBhokobhoko 19 (6): i-Try: uCheslin Kolbe. I-Conversion: uHandré Pollard. Amaphenalthi: uPollard (amabili), uMorné Steyn (amabili).

I-British Lions 16 (10): i-Try: uKen Owens. I-Conversion: uFinn Russell. Amaphenalthi: uRussell (amathathu).

Umthombo wesithombe: @Springboks

Izihloko zakamuva