Lubhalwe nguLungani Zungu
Njengesosha langempela umhlengikazi uNompumelelo Shezi ushone esemsebenzini elwela ukusindisa izimpilo zabantu ngemuva kokuqhuma kweloli e-Boksburg ngobusuku obandulela uKhisimusi.
Kwaqinisekiswa ukuthi bangu-38 abantu abashonile kulesi sigameko sokuqhuma kweloli ebelithwele igas ngemuva kokuthi libhajwe ngaphansi kwebhuloho likaloliwe.
Abebekhuluma emngcwabeni wakhe obugcwele usizi bachaze uShezi (41) njengomhlengikazi “obenokumamatheka okuphilisayo.”
Umngcwabo ububanjelwe esigodini sangakubo eMadadeni e-Newcastle ngoMgqibelo.
Kusukela esemncane uShezi wayezifela ngokwelapha abanye abantu.
Egqugquzelwa uthando analo ngabantu, wenza izifundo zobuhlengikazi ngemuva kokuphothula umatikuletsheni ukuze abone iphupho lakhe lifezeka.
Ushone egqoke umfaniswano womsebenzi – obekuyibheji lokumhlonipha – ngoSuku lukaKhisimusi ezama ukusindisa izisulu kulesi sigameko esenzeka e-Boksburg.
Uzakwabo obekhuluma emngcwabeni wakhe umhlengikazi uSthandile Ngcobo uthe: “UNompumelelo ubehlezi esijabulisa ngokumamatheka kwakhe uma sinezinsuku ezimbi emsebenzini. Wasebenzisa ukumamatheka okufanayo ukwelapha iziguli ngokungangabazeki okwakuyinto eza kuqala kuye.”
Utshele abebehambele inkonzo yomngcwabo ukuthi uzolingisa isimilo sikaShezi nokusebenza kwakhe ukuze amhloniphe.
“Angikusho lokhu ngoba engasekho kodwa abaningi bengangivumela uma ngithi uNompumelelo ubengowohlobo oluthile futhi umkhakha wobuhlengikazi ulahlekelwe isosha langempela,” kusho uNgcobo.
Kuvume omunye umhlengikazi uLerato Mthunzi othe: “Ukudlula kwakhe emhlabeni kuyinto esithinte kakhulu, futhi kubuhlungu kakhulu. UNompumelelo ubewuhlobo lomhlengikazi obeluphilisa abantu ngokumamatheka. Ubenenhliziyo epholile futhi engumhlengikazi obekhuthaza bonke abahlengikazi,” kusho uMthunzi ophinde abe nguNobhala Jikelele we-Young Nurses Indaba Trade Union.
Uchaze uShezi “njengegugu” kanye “nengelosi uqobo.”
Ukhwele wadilika kuhulumeni “ngokungayinxephezeli imindeni yabahlengikazi uma beshona besemsebenzini. Lokhu akuxoxiswana ngakho, sizolwela ukuthi kube nomthetho wokuthi uma abahlengikazi beshonele emsebenzini imindeni yabo inxeshezelwe.”
Esithombeni esingenhla: UNompumelelo Shezi
Umthombo wesithombe: Sithunyelwe