Uchazwe ngeqhawe ominze kuthungathwa isidumbu somdobi ophoseke emfuleni

Elmon Tshikhudo

UThompho Nemushungwa, oshone emfuleni ethungatha isidumbu somdobi  uchazwe njenge qhawe ngumphakathi wasendaweni.

Umufi kusolakala ukuthi uphoseke emfuleni ogcwele izingwenya.

Umalume kaThompho, uDakalo Nemushungwa uthe isisulu ebesineminyaka engu-35 ubengapheli mandla efuna umdobi olahlekile, ehamba amahora amaningi emfuleni ngemuva kokuduka.

“NgoLwesine uhambe nabanye beyoqhubeka nokuthungatha umdobi kodwa ngeshwa kwaba usuku lwakhe lokugcina waminza,” kusho uDakalo.

UThompho ekuqaleni bekucatshangwa ukuthi naye ubanjwe izingwenya, kodwa isidumbu sakhe satholwa ngamalungu omphakathi ngoLwesihlanu. Isidumbu somdobi asikatholakali.

Ukushona kukaThompho kuke kwanyakazisa umphakathi wasesigodini sase-Tshifudi Gota, amalungu awo abevele elusizi ngokushona komdobi. Umndeni kaThompho usaqhubeka nokuba lusizi ngokushona kwakhe.

“Sisosizini olujulile siwumndeni kodwa usizo nokwesekwa esikuthola emphakathini sizobhekana nakho futhi sizomngcwaba ngesizotha,” kusho uDakalo.

“Ubehlala yedwa ngemuva kokushona kwabazali bakhe. Ubengomunye wababhukudi abahamba phambili lapha futhi samangala ngesikhathi eminza,” kwengeza uDakalo, odumise umshana wakhe njengeqhawe elishone lizama ukuthola isidumbu somngani wakhe.

“Sizizwa sikhululekile ukuthi isidumbu sakhe sitholakale ngemuva kosuku egwilizile. Njengoba sisebumnyameni bokushona kwakhe, siphinde sidlulise ukuzwelana emndenini wakwaNenzhelele omthandayo ongakatholakali,” kusho uDakalo.

UNdivhaleni Mabibili, unkosikazi kaFhulufhuwani Munzlele olahlekile, uthe lesi isikhathi esinzima emndenini.

“Ngisazama ukuthola ukuthi ngizokwazi kanjani ukunakekela izingane njengoba umyeni wami ubengumondli wethu. Sinethemba lokuthi uzotholakala bese siyamngcwaba,” kusho yena.

Inkosi yendawo uCollen Mashau ithe lezi zigameko ezimbili zilethe ubuhlungu obukhulu emphakathini kodwa uncome uNemushungwa oshone esiza ethungatha umdobi oshonile.

Izihloko zakamuva