UChad unethemba lokuthi intombi yakhe izithola umkomelo kulo nyaka

Sizwe Sibiya

Ngemuva kokuphoxeka ngendlela enze ngayo kuma-Olimpiki ase-Tokyo, kumele isithenjwa saseNingizimu Africa sithembele kwintombi yaso uJeanni Mulder ukuba abuye nayo indondo ekhaya kumcintiswano wonobuhle ka-Miss South Africa.

UChad Le Clos ubongele intombi yakhe eneminyaka engama-24 eqhamuka e-Sea point endaweni yase-Cape Town. Uyibongele ku-Instagram wathi uyaziqhenya ngayo ukuthi ingene kowamanqamu ku-Top ten. 

Abangene ku-Top ten bamenyezelwe owayengunobuhle waseNingizimu Africa aphinde abe ngunobuhle wezwe lonke ngowezi-2014, lokhu kuvele kwinkundla yokuxhumana ebizwa ngo-YouTube Channel ngoLwesibili.

Kulaba onobuhle abangene kowamanqamu kubalwa uLalela Mswane oneminyaka engama-34 oqhamuka e-Richards Bay KwaZulu-Natali owaphothula iziqu zakhe eNyuvesi yase-Pretoria ophinde abe ngumdansi.

Omunye ozoqhudelana nabo kowamanqamu ku-Top Ten nguBianca Bezuidenhout oneminyaka engama-22 onenkampani yakhe ebizwa ngokuthi-She Succeeds oqhamuka e-Western cape.

OnguDokotela uMoratwe Masima oneminyaka engama-25 oqhamuka e-Johannesburg naye ukhona kulomqhudelwano wonobuhle.

Ozonqoba kulo mcintiswano wonobuhle baseNingizimu Africa sizomumemezela kumcimbi we-historically prestigios ozobanjelwa e-Grand West Arena ngoMgqibelo e-Cape Town.

Kungumsebenzi wethu ukuthi samukele u-MissSA e-Cape Town, ngemuva kokuba ebambe umcimbi we-62 edition ngonyaka odlule kusho iMeya yase-Cape Town uDan Plato ngemuva kokuba sizwe indaba yamanqamu ku-City besho ku-Twitter.

Abanye abakhona ku-Top Ten kubalwa uCatherine Groenewald, uChenel Hartznberg, uKyla Mattews, uKgothatso Dithebe, uTiffany Francis noZimi Mabunzi.

Ukuthweswa komqhele wonobuhle baseNingizimu Africa kuzobe kusakazwa bukhoma ku-M-Net nakuMzansi Magic kumabonakude.

Izihloko zakamuva