
Kamogelo Olaitan
UNgqongqoshe wamaPhoyisa kuleli uMnu uBheki Cele uveze ukuthi wavalelwa ngaphandle wafihlelwa izinto eziningi mayelana nombiko othinta izibhelu zokutapa ezitolo ngoNtulikazi nyakenye.
UCele ukusho lokhu ngoMsombuluko ngesikhathi ethula ubufakazi phambi kweKhomishini yamaLungelo aBantu i-South African Human Rights Commission (SAHRC).
Ukwanda kokuzitapela ezitolo nemibhikisho kulo lonke elase-Gauteng naKwaZulu-Natali kwaholela ekushoneni kwabantu abangu-337, kwaphinde kwaguqisa umnotho wezwe.
UCele ubeqhubeka nobufakazi bakhe obaqala ngoZibandlela. Ube esethi uKhomishana wamaphoyisa kazwelonke uKhehla Sitole wayengatholakali ndawo ngesikhathi kuqhubeka imibhikisho waphinde waveza nokuthi ukhomishana akazange avakashele izindawo ezikhahlamezekile ngesikhathi sodlame noma seludlulile.
Noma eveze ukuthi akakaze atshelwe lutho, uCele ungomunye wezikhulu ezathi ukuboshwa kwalowo owayenguMengameli uJacob Zuma kungase kususe uthuthuva.
“Abantu babengakwazi ukunqanda lokhu uma babekwazi. Ngingomunye walabo bantu abahamba bayokhuluma noMsholozi ukuze sibone ukuthi izinto zinganqandwa yini ngaphambi kokuba ziphume esandleni ezingeni,” kusho uCele etshela ikhomishini.
“Kuthe uma iNkantolo yoMthethosisekelo ikhipha isinqumo sokuthi uZuma kumele abhadle ejele ngemuva kokunqaba ukuvela kuyona, isimo sashuba kakhulu,” kusho uCele.
Uthe ngemuva kokuthi uZuma ehanjiswe ejele lase-Escourt ngamaphoyisa ayekhethiwe kwezinye izifundazwe, wahlangana nawo ukuze awabonge. Wabona ukuthi kunokushuba kwesimo esifundazweni wabe esecela ukuthi amaphoyisa ahlale angahambi.
Ekuqaleni kwale nyanga uMengameli uCyril Ramaphosa ukugunyazile ukukhishwa kombiko onamakhasi angu-154 owawuphenya ngembangela eyasusa uthuthuva langoNtulikazi.
Umbiko uveze ukuthi amaphoyisa ayengazilungiselele ngokwanele ukubhekana nezibhelu.