Kamogelo Olaitan
Ngesikhathi ekhuluma nomphakathi wase-Orlando East e-Soweto ngoMsombuluko kulandela isibhicongo sokubulawa kwabantu abangu-16 endaweni yokucima ukoma uNgqongqoshe wamaPhoyisa uBheki Cele ukhulume kabi nangendlela engalindelekile ngomdwebo osemzimbeni yabantu.
UCele uthe abantu abazidweba umzimba bavamise ukuba izigebengu wathi amaphoyisa akwa-SAPS akumele abaqashe ngoba banomkhuba wokuba izigebengu.
I-South African Policing Union (i-SAPU) isikhwele yadilika kuNgqongqoshe yathi ukuphawula kwakhe akunasisekelo futhi akulona iqiniso.
Okhulumela i-Sapu uLesiba Thobakgale uthe umdwebo emzimbeni awuhlangene nokuthi umuntu uyisigebengu noma cha.
“Umuntu angaba isigebengu ngaphandle kokudweba umzimba futhi siphikisana nemithetho yamaphoyisa mayelana nalokhu ngoba ibandlulula labo abathanda ukuzidweba emzimbeni,” esho engxoxweni abe nayo ne-702.
UThobakgale uqhube wathi ukuphawula kukaCele kungesinye isibonelo sabaholi be-SAPS abaphazamisa ukugxila kwezinye zezinkinga zangempela embuthweni okuhlanganisa ukushoda kobuholi ngaphakathi nokugxila ezintweni ezibalulekile.
Imithetho yakwa-SAPS ithi amalungu akufanele abe nemidwebo ebonakalayo ngenkathi iphoyisa ligqoke umfaniswano wabo.
Lo mthetho wethulwa ngo-2012 kanti kumanje uphikiswa inyunyana ethi umdwebo emzimbeni awathinti umsebenzi owenziwayo.