Everson Luhanga
Elakuleli like lazamazamiswa ubugebengu obunyantisayo amasonto amaningi obuholela ekutheni kushone abantu abaningi abangenacala.
Ukusabela kulokhu, izwe selibone imisebenzi eminingi yamaphoyisa selokhu kwaphela uhulumeni wobandlululo lapho esibona khona amaqembu amalungu omphakathi ejoyina amaphoyisa ukuze aqede ubugebengu.
Umuntu ophakathi nendawo kuzo zonke lezi zinkinga uNgqongqoshe wamaPhoyisa uBheki Cele.
Amaqembu ezepolitiki afana ne-Economic Freedom Fighters afuna asule esikhundleni ngemuva kwesigameko sokudlwengulwa kwabesifazane iqembu lezigelegeqe e-Krugersdorp.
Umholi we-Action Society u-Ian Cameron ubelokhu ekhuluma ezinkundleni zokuxhumana eziningi ezwakalisa ukuthi uMnyango wezamaPhoyisa uyehluleka ukusiza izisulu zobugebengu.
Imithombo yezindaba ikujabulele ukukhomba izikhathi lapho uNgqongqoshe aphambuke khona njengokuthi athi ubenenhlanhla owesifazane odlwengulwe kanye nje abavukuzi abangekho emthethweni uma kuqhathaniswa nabadlwengulwe iqembu lezigelegeqe.
Noma yini ayenzayo, uCele akavamile ukunconywa.
Kodwa okukhulu esingakusho ngaye ukithi: UCele kanye noKhomishana wamaPhoyisa Esifundazweni saseGoli uLieutenant-General Elias Mawela bebebonakala phakathi namaphoyisa ukuze baqondise imisebenzi eminingi.
UCele uneqhaza elikhulu okumele alibambe ekwakheni ukuzethemba emaphoyiseni ukuze imiphakathi ingazithatheli umthetho ngezandla.
Ngemuva kokudlwengulwa kwabesifazane abayisishiyagalombili iqembu lezigelekeqe e-Krugersdorp, amaphoyisa ebengaphansi kwengcindezi enkulu hhayi nje yokuthi akhombise amandla kodwa eyokuthi athole labo abenze lobo bugebengu obethuse isizwe.
Ukube bahlulekile, kunamathuba amaningi okuthi lesi simo besingeke sisalawuleka.
Esikubonile izakhamizi zase-Kagiso zisiza amaphoyisa ukuthi abophe abavukuzi abangekho emthethweni elokishini labo.
Banikele ngamaveni abo abebelayisha kuwo abavukuzi abangekho emthethweni ababanjiwe.
Akekho noyedwa kubavukuzi abangekho emthethweni ababanjiwe esimbone eshaywa. Izakhamizi zivele zanikela ngabo esiteshini samaphoyisa lapho abavalelwe khona.
Amanye amaqembu angalawuleki ahlasele abaphuma emazweni angaphandle, kanti abanye asebelahlekelwe ithemba lokuthi amaphoyisa azobavikela bangene emgwaqeni bacekela phansi impahla kahulumeni.
Kodwa-ke, uma kubhekwa ukujula kwemizwa emiphakathini yonkana eGoli, kuye kwagwenywa ukuthi kwenzeke into embi kakhulu.
UCele uthembise ukuthi imiphumela yolibofuzo ethathwe ngemuva kokudlwengulwa kwabesifazane iqembu lezigelekeqe izokhishwa ngokushesha kunesikhathi esijwayelekile esiyizinyanga ezine.
NgoLwesithathu, imiphumela yolibofuzo imataniswe nabantu abangu-14 ababephakathi kwabavukuzi abangekho emthethweni ababoshwe ngesikhathi kuqhubeka umkhankaso wamaphoyisa. Manje laba besilisa babhekene necala lokudlwengula.
UCele uveze ukuthi umsuka wenkinga akubona abavukuzi abangekho emthethweni, iningi labo intsha ehluphekayo kodwa inkinga idalwa osomabhizinisi kanye nalabo abenza ubugebengu obuhleliwe – abahlomula ngegolide ezimayini ezilahliwe bese bekhokhela amaphoyisa nosopolitiki ukuthi bengayinaki indaba yabo.
Ukudutshulwa kwabantu ethaveni kanye nodlame lwamatekisi nakho kungafakwa ngaphansi kobugebengu obuhleliwe.
Ukubhekana nobugebengu obuhleliwe kanye nenkohlakalo kuyinselelo enkulu elakuleli elibhekene nayo – futhi kuze kube manje kuyantuleka ukuthotshelwa kwemithetho yethu.
Kodwa umsebenzi wokusungula ukwethembana nezakhamizi ezivamile ezisabela ukuphepha kwazo kuyinselelo eyisisekelo kakhulu yokugcinwa komthetho.
Ngesikhathi uCele ehambele imiphakathi eyahlukene ucele amagama amaphoyisa asolwa ngokufuna ukugwazelwa kanye nalawo asebenze nezigebengu. Usejube abe-Crime Intelligence kanye nabaseshi ukuthi babophe amaphoyisa aletha ihlazo kulo mkhakha.
NgoMgqibelo, ngomhlaka-30 kuMbasa, uCele uxoxisane nezakhamizi zase-Botshabelo e-Free State ngesikhathi kunembizo kaNgqongqoshe yokuNqanda Ubugebengu.
Ngesikhathi evakashele isiteshi samaphoyisa e-Mthatha, e-Eastern Cape, uCele uthumele isexwayiso esishubile emaphoyiseni angazisizi izisulu zodlame olubhekiswe kwabesifazane nezingane.
Mayelana nesigameko sokudutshulwa kwabantu ethaveni, uNgqongqoshe kanye noKhomishana waseGoli uMawela bajube ithimba labaseshi abangu-11 ukuthi baphenye ngamacala okubulala.
Kusetshenziswe izinsiza eziningi ukuze kutholakale futhi kubanjwe abasolwa abahlanu abangene endaweni yokucima ukoma iMdlalose babulala abantu abangu-16 esigamekweni sokudubula.
NgoNtulikazi uCele ubehola phambili ngesikhathi kusungulwa ithimba elixube izinhlaka ezahlukene elakhiwe iminyango kahulumeni eyahlukene ukubhekana nokwanda kodlame lwamatekisi.
Ubekhuluma nabammele izinhlangano zamatekisi ababalelwa ku-18 e-Ugu Sport and Leisure Centre eningizimu yeTheku.
Selokhu kuvele izindaba zokudlwengulwa kwabesifazane iqembu lezigelekeqe e-Krugersdorp, uNgqongqoshe kanye namaphoyisa aseGoli babenezimbizo ezimbili zobugebengu, eyodwa e-West Village enye e-Kagiso lapho abebelalele futhi bexoxisana nezakhamizi.
Ngaphezu kwalezi zingxoxo, uCele uthola isikhathi sokuhambela izinkonzo zemingcwabo yamalungu akwa-SAPS abulawe esemsebenzini.
Okhulumela amaphoyisa kuzwelonke uLirandzu Themba uthe kubulawe amaphoyisa angu-27 ezinyangeni ezintathu zokuqala zalo nyaka kuphela.
Sonke sibakweleta ukubabonga kanye nenhlonipho.