UCele nohlelo lokuqeda ubugebengu eSoshanguve 

Lubhalwe nguDoreen Mokgolo

UNgqongqoshe wamaPhoyisa uBheki Cele uyalele ukuthi kutshalwe amaphoyisa engeziwe e-Soshanguve, e-Tshwane ngoLwesibili ngemuva kwesigameko esinyantisayo sokudutshulwa komfanyana (5) ngesonto eledlule.

“Maphoyisa, anizona izivakashi kule ndawo – umsebenzi wenu ukwenza impilo yezigebengu ibe nzima,” kusho uCele.

“Amalungu eTactical Response Team nawe National Intervention Team – futhi uma kunesidingo, sizoletha neSpecial Task Force – ajutshwe ukuba alawule imigwaqo. Zingaphezu kuka-60 izimoto ezizobe zizulazula emigwaqeni.”

UCele ubekhuluma ngesikhathi evakashele elokishini elihlaselwe ubugebengu lapho okudutshulwe khona umfanyana (5) uDitebogo Phalane Jr ngoLwesihlanu ebusuku ngamadoda abeduna imoto kayise.

Izakhamizi zitshele uNgqongqoshe ukuthi akubeke eqhulwini ukuqedwa kobugebengu endaweni.

UCele uthe ufuna izakhamizi zizwe ukuthi kukhona amaphoyisa.

“Uma sesiqedile ngale ndawo kumele izakhamizi zilale zivule iminyango. Kufanele senze umehluko.

“Intsha kumele ikwazi ukuzihambela yodwa uma ithanda. Akufanele siguqule izindlu zibe amajele lapho abantu abavala khona iminyango ngo-6 ntambama ngenxa yobugebengu obudlangile,” kusho uCele.

Evakashele umndeni wakwaPhalane, ungqongqoshe uthe sebengeze ezinye izinsiza ukusiza ithimba labaseshi eliholwa inhloko yabaphenyi esifundazweni, uMajor-General Mbuzo Khumalo.

“Ithimba lisebenza ngokuzikhandla ukuthungatha abasolwa futhi selibophele ezinye izinhlaka okubalwa nongoti be-IT ukuze zisize ophenyweni.

“Sizama ukuqoqa lonke uhlobo lwekhono esingakwazi ukulisebenzisa ukulandelela abasolwa,” usho kanje.

Khonamanjalo, iPhini likaMengameli we-Patriotic Alliance uKenny Kunene usekhiphe umehlokaboni ka-R500 000 kunoma ngubani ongaba nolwazi ngokuthi abasolwa bakuphi.

Esithombeni esingenhla: Ungqongqoshe wamaphoyisa uBheki Cele.

Umthombo wesithombe: Sithunyelwe

Izihloko zakamuva