UCele nohlelo lokubuyisa ukuthula empini yomphakathi

Lubhalwe nguZukile Majova
Umhleli wezepolitiki

Amaphoyisa ahlulekile ukusiza umphakathi waKwaMajola e-Port St Johns lapho okushiswe khona amapulazi angu-50 kanye nemizi engu-97 engxabanweni yabantu bomphakathi ngoMasingana.

Izakhamizi eziningi bezibhace ehlathini eliseduze futhi bezibukela zikude ngesikhathi izindlu ezicishe zibe yikhulu ezizakhe ngemali yazo zisha zingqongqa.

Bekuyisigameko sakamuva empini yamaqembu osekuphele iminyaka iqhubeka.

NgeSonto, kube ngcono ngesikhathi uNgqongqoshe wamaPhoyisa uBheki Cele kanye noKhomishana wamaPhoyisa kazwelonke uFannie Masemola behlangana nezakhamizi ezilwayo KwaMajola embizweni yokuxazulula ingxabano.

Okhulumela uMnyango wamaPhoyisa uLirandzu Themba uthe uphiko lwamaphoyisa oluzimele kanye namalungu e-SANDF atshalwe endaweni ukuze kubuyiselwe ukuthula.

“Le ngxabano esiqhubeke iminyaka eminingi ize yafinyelela ezenzweni zobudlova nobugebengu; izigameko zokushiswa kwempahla nokubulawa kwabantu okuholele ekushisweni kwemizi engaphezu kuka-140.

“Bangu-22 abantu asebebulewe kule minyaka emithathu edlule.

“Izenzo zobugebengu ziphinde zenza imindeni eminingi yahamba kule ndawo zashiya abesifazane nezingane beswele kanti abaningi bashiye amakhaya abo bafuna indawo yokukhosela ehlathini eliseduze.”

UNgqongqoshe uCele uthe amathimba akwa-SAPS Tactical Response Team kanye ne-National Intervention Unit azotshalwa kule ndawo zingakapheli izinsuku eziyisikhombisa.

“Idolobhana lakwaMajola ngeke libe ‘idolobha lezimpi’ lapho abantu basemakhaya abasatshiswa khona izigebengu nokuthi basabele izimpilo zabo kangangokuthi bakhethe ukuhlala emahlathini [kunokuba] bahlale emizini yabo,” kusho uCele.

Impi osekuphele iminyaka iqhubeka iphinde yaqala futhi ngoMasingana ngesikhathi kudutshulwa kubulawa ikhehla lasesigodini sase-Tyeni.

Ngaleso sikhathi izakhamizi zitshele i-Scrolla.Africa ukuthi isenzo sokugcina sodlame oluqhubekayo kulendawo sasingomhlaka-19 kuMandulo nyakenye.

Esithombeni esingenhla: Ithimba lakwa-SAPS e-Mounted Unit lingena esigodini saKwaMajola e-Port St Johns

Umthombo wesithombe:@LirandzuThemba

Izihloko zakamuva