Ucela ukuxegwa owevidiyo yocansi

Sizwe Sibiya

Ividiyo ekhombisa umlingisi uSK Khoza ekhotha isinene  sowesifazane ongaziwa isabalale okomlilo wequbula ngoLwesithathu ekuseni.

Lowo owayeyisihlabani se-The Queen uphinde wakwazi ukubeka igama lakhe phezulu ohlwini lwamavidiyo ahamba phambili ngevidiyo yakhe yocansi. 

Umlingisi odumile akumphethe kahle ukusabalala kwale vidiyo.

“Kungani abantu bengangiyeki ngokuthula?” kukhala uKhoza ku-Instagram ngemuva kwamahora ambalwa kusabalale le vidiyo.

UKhoza wayedlala indawo kaShaka Khoza kwi-The Queen ngaphambi kokuthi akhishwe nyakenye. Uveze ukuthi manje usesebenza lapho okuqoshwa khona amavidiyo abantu benza ucansi waphinde wabelana ngesithombe esikhombisa ikhasi lakhe le-OnlyFans.

“Uma abantu bengena ekhasini ababhalise ebhala isiqubulo esithi #NoNeedToStealMyEish,”  embhalweni wesithombe sakhe.

I-OnlyFans isizindalwazi evumela abantu ukuthi bathumele amavidiyo abo nezithombe zocansi bese bekhokhelwa imali ngalokho.

Amahlazo osaziwayo akuleli awalutho uma uwaqhathanisa nalawo ase-Hollywood, kodwa lo mlingisi owaziwayo uzimisele ngokukushintsha konke lokho.

Lezi zithombe ezishubile zivele ezinyangeni ezimbalwa ngemuva kokusabalala kwevidiyo ekhombisa lowo owayemgumlingisi we-The Queen ebhekene nomlungu emnyango wehhotela, ememeza  embuza ukuthi uyamazi yini?”.

Futhi lokho kwakungemuva kokuthi enze umcimbi ngesikhathi somvalelandlini endaweni ene-jacuzzi le vidiyo yasabalala ezinkundleni zokuxhumana ngo-2020.

Khonamanjalo uKhoza usaqhubeka nokushutha umdlalo owuchungechunge kwi-Netflix onesihloko esithi-Kings of Joburg kanti ulingisa indawo kaCyrus Khuzwayo. Inkampani edidiyela lolu chungechunge yi-Ferguson Films ekhiqiza i-The Queen.

Umthombo wesithombe: Instagram

Izihloko zakamuva