UCaster Semenya ngeke ahlomule kumihlahlandlela emisha ye-IOC

Dylan Bettencourt

I-International Olympic Committee (i-IOC) ikhiphe imihlahlandlela emisha ethi abasubathi akumele behlise amazinga e-testosterone ukuze baqhudelane.

Kodwa-ke, uCaster Semenya wakuleli owamiswa futhi owathola indondo yegolide kuma-Olimpiki, ngeke ahlomule kule migomo, njengoba i-World Athletics ithe abayithambisi imithetho yabo.

Lo msubathi waseNingizimu Afrika kusazodingeka ehlise izinga lakhe le-testosterone eliphezulu uma efisa ukungenela imijaho.

Uhlaka olusha oluvela ku-IOC, olungena esikhundleni somhlahlandlela wabo wezi-2015, lugxile kubadlali abashintsha ubulili, ikakhulukazi abesifazane abashintsha ubulili abaqhudelana kwezemidlalo yabesifazane.

Imihlahlandlela ikhomba ukuthi abasubathi abashintshe ubulili akumele kudingeke ukuthi basebenzise imishanguzo enciphisa i-testosterone ukuze baqhudelane.

Imihlahlandlela emisha ibambezeleke iminyaka ngenxa yemibono ephikisana nabasubathi be-transgender okuyinkulumompikiswano enkulu ngesikhathi sama-Olimpiki akamuva.

Kodwa-ke imihlahlandlela iphakamisa ukuthi uSemenya kumele anikezwe ithuba lokuphinde angenele umqhudelwano, kodwa i-World Athletics ithe abayithambisi imithetho yabo.

Imithetho yangaphambilini ye-IOC yayidinga bonke abasubathi besifazane ukuthi banciphise amazinga abo e-testosterone ukuthi abe ngaphansi kuka-10n/mol ilitha okungenani izinyanga eziyi-12 ukuze baqhudelane, kodwa umqondisi wabo wezokwelapha, uRichard Budgett, uthe lo mthetho awusafanelekile ukulungisa le nkinga.

I-World Athletics phambilini yayishilo ukuthi umthetho wabo wabasubathi odinga amazinga e-testosterone angaphansi kwe-n/mol enhlanu ukuze baqhudelane ku-400m kanye nemiqhudelalwano ye-1,500m uzohlala umile yize kuneziqondiso ezintsha ze-IOC.

“Lo mhlahlandlela akuwona umthetho ophelele. Ngeke sisho ukuthi uhlaka lwanoma yimuphi umdlalo ofana ne-World Athletics awulungile,” kusho uBudget.

“Kumele bayenze ilungele imidlalo yabo futhi lolu hlaka lubanika inqubo abangenza ngayo.”

Umhlahlandlela omusha onamaphuzu ayishumi uzosetshensizwa okokuqala ngqa kuma-Olimpiki asebusika ase-Beijing ngoNhlolanja ngowezi-2022.

Imidlalo yase-Tokyo yenze owesifazane wase-New Zealand oshintshe ubulili uLaurel Hubbard aqhudelane esigabeni sokuphakamisa izinsimbi ngesikhathi esiyingqophamlando sabasubathi be-transgender emhlabeni jikelele.

Umthombo wesithombe: @TheGuardian

Izihloko zakamuva