Lubhalwe nguRorisang Modiba
Onengane noCassper Nyovest, uThobeka Majozi, useveze ukuthi lo mrepha nombhali wezingoma waphinga ngemuva kokutholwa kwendodana yabo ukuthi inomdlavuza.
UThobeka uveze lezi zindaba ngosuku lwakhe lokuzalwa, wamemezela ukuthi indodana yakhe manje ayisenawo umdlavuza.
“Ngesikhathi indodana yami inezinyanga eziyisishiyagalombili ubudala, kwatholakala ukuthi inomdlavuza,” ubhale kanje ku-Instagram.
“Bengilokhu ngizama ukugcina impilo yami iyimfihlo, kodwa ukulinganisa konke ebengibhekene nakho kwakunzima. Ngachitha iminyaka emibili esibhedlela ngesikhathi indodana yami ithola ukwelashwa nokuhlinzwa.”
Ngalesi sikhathi esinzima, uThobeka wathola ukuthi uCassper uyaphinga nosaziwayo ezinkundleni zokuxhumana futhi ongumsakazi kamabonakude, uPulane Mojaki, osengunkosikazi wakhe.
UThobeka uthe uPulane ubazi ngokugula kwendodana yakhe kodwa waqhubeka ngokubukisa ngobudlelwano bakhe noCassper.
“Ngemva kokuthola lokho, wahlukana naye wazama ukulungisa izinto nami, kodwa ngangingasamethembi. Bekungekona nje ukuphinga kuphela kodwa ngangibhekene nesikhathi esimbi,” kuchaza uThobeka.
“Kwadingeka ngiyeke ukunaka mina ngigxile enganeni yami. Ngaleso sikhathi, impilo yakhe yayibaluleke kakhulu. Ukholo nomndeni kwasisiza ukuba sibhekane nakho konke, futhi yomibili imindeni yethu yasisekela.”
UCassper wayeke wavuma ku-podcast ukuthi wayenenkinga yokuba umlutha wocansi kanye nokuba nempakamo.
“Ngangiphila impilo eyimfihlo, ngenza izinto engangicabanga ukuthi zilungile ngoba akekho owaziyo. Kodwa ngigcine sengilimaza umuntu engangimthanda kakhulu,” kusho yena.
Nakuba bengasezona izithandani, uThobeka noCassper sebegxile empilweni nasenjabulweni yendodana yabo.
Abasesithombeni esingenhla: UThobeka Majozi noCassper Nyovest.
Umthombo: Instagram