UCassper uzoqala ukudumisa uNkulunkulu emcimbini ozoba seThekwini

Lubhalwe nguRorisang Modiba

Umrepha uCassper Nyovest umemezele ukuthi uzobamba iqhaza emcimbini weMiraculous Catch Youth Revival ’24.

Lo mcimbi uzoba seCovenant Fellowship Church International Theatre eThekwini ngoMgqibelo ngomhlaka-22 kuNhlangulana.

“EThekwini ngicabanga ukuthi kubaluleke kakhulu ukuthi ngiqinisekise ukuba khona kulo mcimbi ongoMgqibelo e-CFCI Church e-CFCI Theatre,” kusho uNyovest.

“Ngizoba ngikhona futhi sizobe sinika udumo kuNkulunkulu.”

Ngasekuqaleni konyaka wabhala ku-X wathi: “Angikwazanga ngempela ukubona ukukhanya futhi angikwazanga ukulawula ingqondo yami. Ngagijimela kuJesu, wangisindisa.

Ngithanda ukuthi ngiyabonga, Jesu! Wena uyiNkosi noMsindisi wami!”

Umqambi wezingoma, usomabhizinisi, umdidiyeli wezokuqopha kanye nomshayisibhakela oyimfundamakhwela ogama lakhe langempela uRefiloe Maele Phoolo uthe “ujabule kakhulu futhi unovalo olukhulu ngalo mcimbi.”

“Namukelekile futhi konke kungukudumisa uNkulunkulu. Akukho ngami. Akuwona umcimbi wokuzozibonela uCassper Nyovest ecula,” usho kanje.

“Nami ngizobe ngizokhonza uNkulunkulu njengani nonke.”

Osesithombeni esingenhla: UCassper Nyovest.

Umthombo: Instagram

Izihloko zakamuva