Lubhalwe nguRorisang Modiba
UCassper Nyovest uthe ingoma kaRea Gopane ekhiqizwe yi-AI ethi Suka! wayecabamga ukuthi yenziwe umculi omusha.
UCassper Nyovest uxwayise ngokuthi umculo we-AI ungase ulimaze abaculi abasafufusa kanti abaculi asebemnkantshubomvu bazobhekana nobuchwepheshe be-AI.
I-Artificial intelligence ishintsha izimboni eziningi emhlabeni wonke, kuhlanganise nezomculo. Abanye abantu bakhathazeka ngemisebenzi kanye nokungenzeleli kuyilapho abanye besebenzisa ubuchwepheshe ukukhulisa imisebenzi yabo.
Owayengumsakazi uRea Gopane usanda kuba sematheni ngemuva kokuba ingoma yakhe ekhiqizwe i-AI ibe nedumela elikhulu eNingizimu Afrika. Ingoma, ebizwa ngokuthi Suka!, izuze izinkulungwane zabalaleli ezweni lonke. Ifinyelele endaweni yokuqala eshadini le-Apple Music South Africa’s Top 100.
Umrepha uCassper Nyovest wabelane ngemicabango yakhe ngengoma ekhiqizwe yi-AI. Uthe le ngoma ubecabanga ukuthi ekuqaleni ibhalwe umculi omusha.
“Ingikhohlisile, futhi ngingumculi okhokhelwayo,” kusho uCassper.
Umrepha uchaze ukuthi wayecabanga ukuthi iSuka! yenziwe umculi noma umdidiyeli omusha ayengakaze ezwe ngaye ngaphambilini. Waqaphela kamuva ukuthi yenziwe ngobuchwepheshe be-AI.
UCassper uthe uyayithanda le ngoma. Kodwa uxwayise ngokuthi umculo we-AI ungase ube yinkinga enkulu embonini yomculo, ikakhulukazi kubaculi abasha abasazama.
Uthe ukuvundulula ithalente elisha kungenye yezingxenye ezihamba phambili zomculo. UCassper ucabanga ukuthi i-AI ingasusa lokho kubalandeli nochwepheshe bemboni.
Lo mrepha uthe abaculi asebemnkantshubomvu kungenzeka baphatheke kahle ngobuchwepheshe obusha. Kepha ucabanga ukuthi abaculi abazayo bangase bathwale kanzima ukuqashelwa uma umculo owenziwe yi-AI uthandwa kakhulu.
UCassper uphinde waxwayisa ngokuthi izinkampani eziqopha umculi zingase ziqale ukusebenzisa i-AI ukwenza umculo futhi zigweme ukukhokhela abaculi ngomsebenzi wabo.
Impumelelo yeSuka! Isiqale ingxoxo ebalulekile mayelana ne-AI emculweni. Abantu baseNingizimu Afrika nangale kwayo sebexoxa ngokuthi ubuchwepheshe bungalolonga kanjani ikusasa lemboni yomculo.
Osesithombeni esingenhla: UCassper Nyovest.
Umthombo wesithombe: Ifayela
