Sizwe Sibiya
Abanye abaculi bamatasa bazithengela izimoto zikanokusho, uCassper Nyovest yena uzithengele iwashi likaFranck Muller.
UNyovest uthenge leli washi elibizayo ngoLwesibili, ngemuva kwesonto eqokwe njenge-Artist of the decade emiklomelweni yeshumi yaseNingizimu Afrika ye-Hip Hop.
Ungaze ufunge ukuthi iwashi belingabizi ngokwanele, njengoba lo mculi etshele i-Diamond Channel ukuthi ilenze ngendlela ayifisayo, ngokuthi bengeza amadayimane azungeze ubuso bewashi.
Ngesikhathi abalandeli becabanga ukuthi useqedile, uthole imoto entsha sha yakwa-McLaren njengesipho sosuku lwakhe lokuzalwa esivela kubalingani bakhe bezingubo, i-Drip footwear, ngoLwesithathu.
“I-Drip/Root yodumo inginike isipho. UNKULUNKULU UTHEMBEKILE!!!” kubhala uNyovest kwingosi yakhe yezokuxhumana ekhombisa imoto yakhe entsha yakanokusho.
UNyovest uselungele ukwethula utshwala bakhe obubizwa nge-“Billiato” ngoLwesine, okuwusuku lwakhe lokuzalwa lapho azobe ehlanganisa khona iminyaka engu-31.
UNyovest, ogama lakhe langempela nguRefiloe Maele Phoolo, okwamanje ulungiselela umdlalo wobungani wesibhakela nomhlaziyi wezokuzijabulisa ku-YouTube, uSlik Talk.
UNyovest uthe kuyadabukisa ukuthi kufanele aqale umsebenzi wakhe wesibhakela nomuntu osebenzisa i-YouTube, kodwa uSlik Talk uyena kuphela ” onesibindi ozokwazi ukumelana naye.
Umdlalo phakathi kwala baculi ababili uzosakazwa bukhoma ku-YouTube ngomhlaka-22 kuZibandlela.
“Ngiyamhlonipha ngokuvuma impi, kodwa ngizomenzela ezibukwayo,” kusho uNyovest.