Lubhalwe nguRorisang Modiba
Umrepha waseMelika, uCardi B, ukhulume ngokweseka umculi waseNingizimu Afrika uTyla, ogxekwe waphinde wabhekana nezinkulumo ezinokucwasa ngokwebala ngemuva kokunqoba kuma-MTV Video Music Awards ka-2024.
UTyla, owine indondo yeBest Afrobeats, ucele uLil Nas X ukuthi abambe isicoco sakhe ngesikhathi ethula inkulumo yokwamukela kwakhe ngoba besisinda.
Abanye abantu bacabange ukuthi ucele uHalle Bailey okunalokho, okuholele ekutheni oyi-YouTuber u-Armon Wiggins ambize “ ngomuntu wase-Africa onenhliziyo embi futhi udelelayo.”
Umrepha uJoe Budden uvumelana nalokhu ku-podcast yakhe.
UCardi B uphendule ngokuvikela uTyla engxoxweni ebukhoma ku-X Space.
“UTyla kungenzeka ukuthi ufisa ukuba akayiwinanga indondo ngemuva kwayo yonke inzondo aseyitholile. I-inthanethi ibuye ibe nonya ngempela,” kusho yena.
UCardi uphinde waveza ukuthi uTyla usemncane futhi usajwayela ukuphila eMelika, wanxusa abamgxekayo ukuthi bayeke ukuba nonya.
Abanye ezinkundleni zokuxhumana bamgxekile uTyla, bembiza “nge-diva” kanye ne-uppity,” futhi bemsola ngokuthi uyazitshela.
Phezu kwalezi zinkulumo ezingezinhle, uTyla ukujabulele ukunqoba kwakhe futhi wakuchitha ukugxekwa, ebhala ku-Twitter ukuthi abantu bathathele phezulu yonke into.
Ubhale ukuthi: “Y’all make everything weird … I was not asking my girl Halle … We’re just girls, STFU I WON A VMAAAA.”
Abalandeli bakhe “Tygers”bamlwele ku-inthanethi.
Esithombeni esingenhla: UCardi B noTyla.
Umthombo: Instagram