Ucansi olubi: owesifazane ushona elele nosibali wakhe

Lungani Zungu

Kuphele kabuhlungu kowesifazane oneminyaka engama-56, oshone ngesikhathi enza ucansi usibali wakhe oneminyaka engama-50 eThekwini ngoLwesine.

Kuyaqondakala ukuthi lezi zithandani ebezifihlile zazibhukhe ihhotela eliyimfihlo e-Verulam, enyakatho yeTheku.

Icebo labo kwakuwukuthola isikhathi sabo bebodwa ndawonye.

Kodwa isiqephu sabo socansi saphela ngokuzuma ngemuva kokuthi lo wesifazane ekhononde ngezinkinga zokuphefumula.

Ngemuva kokuphefumula kanzima, lo wesifazane waquleka.

Ethukile, usibali wakhe ubize abezimo eziphuthumayo – hhayi umndeni wakhe – njengoba esaba ukuthi lokhu kuzodalula uthando lwabo oluyimfihlo.

Omunye umthombo uthe ngaleso sikhathi, usibali wakhe onamahloni wayenenhlansi yethemba lokuthi isithandwa sakhe sizovuka.

Ngesikhathi esalinde abezimo eziphuthumayo, wayehambahamba egumbini lasehhotela.

Kodwa ubesethuke kakhulu ngesikhathi ithimba lodokotela bakwa-Reaction Unit South Africa (i-Rusa) liqinisekisa ukuthi lo wesifazane ushonile ngesikhathi lufika.

“Ngesikhathi sifika lo mlisa uveze ukuthi yena nomakoti kamfowabo babebhukhe egumbini ngabo-09: 30 namhlanje ekuseni. Ngemuva kokuchitha amahora ambalwa bendawonye lo wesifazane ukhale ngenkinga yokuphefumula ngesikhathi benza ucansi wangabe esaphendula,” kusho uphiko.

Uphikho losizo oluphuthumayo, obekungelokuqala ukufika endaweni yesigameko, luthe kusenziwa uphenyo lokuthola imbangela yokushona kowesifazane.

Uphiko aluzange ludalule igama likamufi, lugcine nolunye ulwazi.

Ngokusho komnikazi webhizinisi lendawo, lezi zithandani beziyizivakashi ezivamile ehhotela.

“Ngilapha isikhathi esiningi, futhi ngibona abantu abangenayo nabaphumayo ehhotela. Bengijwayele ukuhamba ngaphakathi ehhotela, kodwa bengicabanga ukuthi bayizithandani ezijwayelekile.”

Okhulumela amaphoyisa esifundazweni uKaputeni uNqobile Gwala usiqinisekisile lesi sigameko kodwa wathi alikho icala elivuliwe.

“Alikho icala elivuliwe ngenxa yokuthi ushone ngenxa yizimbangela zemvelo.”

Izihloko zakamuva