UCampbell ubuyele kwesobuMeya e-Ekurhuleni

Lubhalwe nguDoreen Mokgolo

UTania Campbell weDA uphinde waqokwa njengeMeya yase-Ekurhuleni ngemuva kokukhishwa esikhundleni emasontweni amathathu edlule.

Uphinde wakhethwa ngamavoti angu-124 ngesikhathi angu-99 eya kuJongizizwa Dlabathi we-ANC ngevoti eliyimfihlo ngoLwesibili.

Ngemuva kokumenyezelwa kwemiphumela i-EFF ne-ANC bebethukana. Engomeni i-EFF ithe i-ANC “amamenemene” angamaxoki.

USihlalo we-ANC e-Ekurhuleni uMnu Mzwandile Masina uthe bahluliwe okhethweni kodwa isithunzi sabo sisamile.

UNkululeko Dunga we-EFF ukuhoxisile ukuqokwa kwakhe embangweni wesihlalo sobumeya ngesikhathi i-ANC iphakamisa igama likaJongizizwa Dlabathi.

Kunezinsolo zokuthi izingxoxo zomfelandawonye phakathi kwe-EFF ne-ANC zibhuntshile njengoba i-EFF ibifuna ukulawula uMasipala ngokugcwele ngaphandle kokuba ngamadlelandawonye ngesikhathi i-ANC ifuna ukuhola ngokubambisana.

UDunga uthe isimo sezinto ezibonakalayo yisona esinquma  isikhundla ngaso sonke isikhathi.

“Ukuze i-EFF iwine idinga ukwesekwa u-50% wamakhansela emkhandlwini.

“I-EFF ino-13.5%. Ngeke kube nengqondo ukuthi siqhubeke sicabange ukuthi sizothatha izintambo uma kukhona abanye ababili abangenele ukhetho abangamakhansela amaqembu amakhulu epolitiki,” esho.

UBongani Baloi we-ActionSA, uthe bazosebenza kanzima ukuze baqinisekise ukuthi imigomo yeqembu lamadlelandawonye iyafezeka.

Umholi we-DA kwisiShayamthetho uMnu Solly Msimango, uthe njengoba sebebuyele ebuholini bazothuthukisa ukuxhumana phakathi kwawo wonke amadlelandawonye.

“Kube buhlungu ukuthi sekuphele amasonto uMasipala ungenawo umholi. Sizokwenza isiqiniseko sokuthi ukulethwa kwezidingo kuyaphuthuma ikakhulukazi njengoba sisalele emuva ngokuqoqa udoti,” esho.

Osesithombeni esingenhla: IMeya uTania Campbell

Umthombo wesithombe: Doreen Mokgolo

Izihloko zakamuva