Lubhalwe nguLungani Zungu
Kubukeka sengathi uMengameli Cyril Ramaphosa akuyena yedwa usopolitiki ongakwazi ukuthola abantu ukuthi bameseke. Lowo owayenguMengameli wezwe uMnu Jacob Zuma ukwazile ukumema idlanzana lezihambeli emcimbini wakhe wokuphela konyaka obuseNkandla ngoMsombuluko.
Osopolitiki nosomabhizinisi abaqavile bebevame ukuthola izihlalo eziphambili emicimbini kaZuma kaNcibijane emzini wakhe KwaZulu-Natal kodwa kubukeka sengathi akusenjalo.
Le ndoda eyaba nguMengameli wezwe kusukela ngo-2009 kuya ku-2018 izithole inedlanzana lezivakashi ezingadumile kakhulu. Lo mcimbi ububanjelwe ehholo lesikole samabanga aphezulu iMnyakanya eduze komuzi kaZuma.
Esiteji ujoyinwe nguSihlalo wegatsha le-ANC uMnu Bonguthando Mbambo.
Ngisho nabalandeli bakhe bokuqina abazinze esifundazweni sangakubo KwaZulu-Natal bebengekho.
Phambilini osopolitiki abaqavile, osomabhizinisi kanye nosaziwayo bebejwayele ukuhambela imicimbi kaZuma yokuvala unyaka.
Izihambeli eziningi zikaZuma zaziya eNkandla ziphethe izipho zefenisha nemfuyo, okuhlanganisa izinkomo nezimbuzi.
Bekufakwa amatende amakhulu ezivakashi nomakhelwane bakhe.
Inkosi yendawo uBhekumuzi Zuma uvumile ukuthi lo mcimbi wancipha ukuhanjelwa izivakashi ngemuva kokuphuma kukaZuma esikhundleni kulandela ukuthi i-ANC imphoqe ukuthi esule esikhundleni ngo-2018 ngenxa yezinsolo zozokulawulkkombuso yidlanzana nayebambisane nabo okungumndeni wakwaGupta.
“Ngiyakhumbula ukuthi iNkandla yayigcwala izihambeli eziningi ebezihambela imicimbi yokuvala unyaka. Konke lokho sekuwumlando manje. Kodwa sizoqhubeka nokweseka lo mcimbi kuze kube sekugcineni” etshela i-Scrolla.Africa.
Esithombeni esingenhla: OwayenguMengameli wezwe uJacob Zuma ngesikhathi kunomcimbi wokuvala unyaka eNkandla nosihlalo wegatsha le-ANC uBonguthando Mbambo.
Umthombo wesithombe: Sithunyelwe