Dylan Bettencourt
U-Eben Etzebeth owenze igama lakhe laziwa kakhulu emhlabeni manje ubuyela ekhaya.
Lo mdlali oneminyaka engu-30 ubudala wamaBhokobhoko ujoyine iqembu lase-France i-Toulon ngonyaka ka-2019 futhi usedlale imidlalo engu-27 eqenjini. Usanda kucela ukuthi avunyelwe ukujoyina uhlangothi lwaseNingizimu Afrika.
“Ngiphatheke kabi ngokushiya i-Toulon nozakwethu ekupheleni kwesizini, kodwa izizathu zami ziyangiphoqa ukuthi ngenze njalo, “ esho kwi-website ye-Toulon.
Imibiko iveza ukuthi ukaputeni wamaBhokobhoko, uSiya Kolisi, uzama ukuheha umngani wakhe omkhulu u-Etzebeth ukuthi amujoyine eThekwini asayine kuma-Sharks.
Umphathi we-Toulon, uBernard Lemaitre uchaze lo mdlali njengomuntu oke wabhekana nezinkinga ngemuva kokubhekana nokulimala kwakhe kwesithathu bedlala ne-England edlalela amaBhokobhoko ngoLwezi nyakenye.
Ukulimala kuphoqe u-Etzebeth ukuthi angadlali isikhathi esiyizinyanga ezintathu. NgoMgqibelo lo mdlali owake wadlalela i-Stormers ubuyele enkundleni ngemuva kwesikhathi eside engadlali njengoba i-Toulon ihlule i-Bordeaux Begles ngo 21-18.
“Awukwazi ukwenza noma yini, ngakho-ke nginaka kakhulu isimo sabadlali bamazwe ngamazwe ngoba kungaba ithuba noma kube izinkinga,” kusho uLemaitre kwi-website yeqembu ngoMasingana.
“Kulokhu, abadlali abafana no-Eben Etzebeth noFacundo Isa bangompetha beqembu.”
Isikhulu sama-Sharks, u-Eduard Coetzee, sithe isivumelwano sika-Etzebeth sizoba nzima uma singaqedwa.
“Ungumpetha weqembu. Singathanda ukuhlala naye, kodwa unenkontileka enkulu, ngakho kuzofanele aphume kwinkontileka yakhe alungele ukwehliselwa iholo elikhulu,” utshele i-TimesLIVE.
Njengamanje i-Toulon izithola isendaweni yesibili ekugcineni kwi-Top 14. Banqobe imidlalo emihlanu kuphela kwengu-15 kuze kube manje, kanti bahlulwe eyisishiyagalombili base bedlala ngokulingana kwemibili esele.
Umthombo wesithombe: @RugbyWorld