Ubuye ngegiya eliphezulu umdlali wase-England

Lubhalwe nguRazeen Gutta

UMarcus Rashford (25) ungomunye wabadlali asebedlule kokuningi emlandweni webhola futhi kuyathusa lokho ngoba usemncane kakhulu. 

Ngelinye lamalanga wazakhela igama njengomdlali wase-Manchester owayekhombisa ithalente elithembisayo enkundleni.

Ngaphandle kokugijimisa ibhola enkundleni, uRashford uzakhele igama ngakubo ngemuva kokuhola umkhankaso kazwelonke wokondla izingane eziswele ngesikhathi esinzima.

Manje uMarcus Rashford uzishaya isifuba ngokuba umpetha kukhona kokubili njengoba esephenduke umgadli weqembu kanye nezwe lakhe.

URashford waqala ukuvela kakhulu eneminyaka engu-18 ubudala ngesikhathi eshaya amagoli amahlanu e-Premier League kuma-Red Devils ngesizini yakhe yokuqala ka-2015/16 okuhlanganisa nokushaya i-Arsenal ekuqaleni kwakhe.

Eminyakeni emine uziveze ngendlela emangalisayo kwiligi evalela amagoli angu-17 wawina imidlali eyisishiyagalombili.

Kodwa kumasizini amabili alandelayo lo mgadli osemncane ubekezelele ukwehla okumangazayo efomini. Ngaphansi komqeqeshi u-Ole Gunnar Solskjaer ubukeka elahlekile futhi umsebenzi wakhe usengcupheni.

Ngesikhathi efakwa kancane e-England ku-EURO 2020 eyayibanjwe ngo-2021, abalandeli baqala ukungabaza ukuthi akasoze aphinde abonise ikhono aliveza eminyakeni emihlanu edlule.

Ngaphansi kuka-Erik Ten Hag kule sizini nokho uRashford kubukeka sengathi uyabuya ekubeni ngumdlali abamaziyo.

Igoli lakhe esuka  ebhentshini bebhekene ne-Charlton ku-quarter-final eNdebeni ye-Carabao ngoLwesibili, libe uhlelo lwakamuva lokuvuselela igama lakhe ebese lishabalala.

Lo mdlali ushaya igoli elilodwa njalo emizuzwini engu-123.

Lokho kusho ukuthi manje usengumpetha ngokuphindwe kabili phambi kwamapali  kunalokho ayeyikho ngaphansi kukaJose Mourinho okuyilapho ayeshaya khona igoli kanye ngemuva kwemizuzu engu-250.

Ngokwezibalo zakhe zamanje e-England ushaye amagoli angu-15 emidlalweni engu-51 futhi ngemuva kweNdebe Yomhlaba e-Qatar, abalandeli bazobe benethemba lokuthi angakwazi ukwengeza kulokho emidlalweni yokuhlungela i-2024 European Championships ezoqhubeka ngasekupheleni kwalo nyaka.

Uphinde aziwe ngokuqeda indlala ezinganeni ezinhlwempu futhi uRashford waziwa kakhulu ngamagalelo akhe ekulweni nokucwasa nokuqeda ukushoda kwezindlu e-UK futhi usethole imiklomelo eminingana ngalokhu. 

Isithombe esingenhla: UMarcus Rashford

Umthombo wesithombe: @MarcusRashford

Izihloko zakamuva