Lubhalwe nguRazeen Gutta
- Ngemuva kweminyaka emine emisiwe, uManyonga usebuyile futhi uzongenela i-ASA Grand Prix ePitoli.
- Uthi akagxilile emiqhudelwaneni yamazwe ngamazwe kodwa ufuna ukujabulela lo mdlalo nokujabulisa abalandeli.
ULuvo Manyonga, owake waba ngumpetha womhlaba ku-long jump, usebuyele emdlaweni cishe ngemuva kweminyaka emihlanu.
Lo mdlali (34), owamiswa iminyaka emine ngo-2020, ubuyele emncintiswaneni ngesonto eledlule, egxuma amamitha angu-7.31 ngesikhathi kudlalwa esikoleni samabanga aphezulu i-Stellenbosch High School.
Manje uselungiselela ukungenela umqhudelwano we-ASA Grand Prix ePitoli kuleli sonto.
“Angifuni ukubeka umthwalo omningi phezu kwamahlombe ami ngoba ngisalulama sesiside isikhathi ngingagxumi noma ngizilolonge,” kusho uManyonga ngaphambi komcimbi wangoLwesithathu ePitoli.
“Ngiwuthatha kancane kancane, futhi ngikwenziswa ukuthanda lomdlalo, futhi isikhathi sizosho. Sisebenza ohlelweni lokuba wumqemane nokuba nempilo. ”
UManyonga, ophethe irekhodi le-long jump eNingizimu Afrika, ukuchithile ukuqagela ngokubuyela emqhudelwaneni wamazwe ngamazwe, wathi akafuni ukuzifakela ingcindezi. Kunalokho, inhloso yakhe enkulu ukuletha injabulo kubalandeli.
“Iminyaka nayo ayikho ngakimi… ngakho-ke ngeke ngenze imiqhudelwano eminingi.”
“Kuyajabulisa kakhulu ukubuya nokuba nempilo, nokumamatheka nokugxuma futhi. Kuwumuzwa omnandi kakhulu, ”kusho yena.
“Kuleyo mizuzwana uma ngisemoyeni, ngizizwa ngikhululekile. Ngiyakujabulela ukugxuma futhi ngiyakujabulela ukujabulisa abantu. Lokho kuyinto engcono kakhulu kimi. “
Osesithombeni esingenhla: ULuvo Manyonga
Umthombo wesithombe: @thevillageguy1