Lubhalwe nguCelani Sikhakhane
ISilo uMisuzulu kaZwelithini akaziwa ukuthi ukuphi futhi uNdunankulu wakhe akazi ukuthi uhlala kuphi njengoba engasahlali esigodlweni sakhe.
UNdunankulu wobukhosi bakaZulu uMntwana uMangosuthu Buthelezi usenze isicelo esidlangalaleni ecela ukuthi iSilo sibuyele ekhaya. Ngesonto eledlule oLundi uButhelezi uzwakalise ukukhathazeka ngokuphepha kweSilo samaBandla nokuthi sikuphi.
“Ngitshelwe ukuthi iSilo samaBandla sesihlala ndawana thize e-Ballito enyakatho yeTheku. Ngicela sibuye ekhaya ngoba asisekho esigodlweni saso,” kusho uButhelezi.
Emthandazweni webandla lamaWeseli uthe abanye abantu abasondelene neSilo samaBandla uMisuzulu bayingozi kuso.
Kodwa imithombo iveze ukuthi iSilo samaBandla uMisuzulu siqashe umuzi oseZimbali, e-Ballito lapho ezokuphepha eziqine khona kakhulu. Noma ngubani ofuna ukungena udinga ukuthola ikhodi evela kuye.
Ngesikhathi esanda kungena esihlalweni sobukhosi kwathuthukiswa isigodlo sasoLundi esasiyindlu yombuso kaNdunankulu waKwaZulu-Natal ukuze isetshenziswe iSilo samaBandla uMisuzulu kanjalo nesigodlo sasoPhongolo.
NgoMgqibelo, uNdunankulu waKwaZulu-Natal uNkk Nomsa Dube-Ncube uthole iSilo samaBandla esigodlweni sikanina kwaKhangelamankengane kwaNongoma.
UDube-Ncube unikeze iSilo samaBandla uMisuzulu kaZwelithini imoto yohlobo lwe-Range Rover P530 HSE emnyama ekhiqhizwe kulo nyaka ebiza phakathi kuka-R3 kuya ku-R5 million ngokusho kwesizindalwazi sakuleli sakwa-Land Rover.
UNkk Dube-Ncube uthe ubehlangane neSilo samaBandla ukudingida izindaba ezibalulekile ezithinta isifundazwe kanjalo nokusinikeza imoto.
Okhulumela iSilo samaBandla uMisuzulu, uMntwana uSimphiwe Zulu akatholakalanga ukuze aphawule.
Esithombeni esingenhla: UNdunankulu waKwaZulu-Natal uNomsa Dube-Ncube enikeza iSilo samaBandla uMisuzulu kaZwelithini i-Range Rover emnyama kanokusho ngesikhathi evakashele esigodlweni sakwaKhangelamankengane kwaNongoma ngoMgqibelo.
Umthombo wesithombe: Sithunyelwe