Ubusuku obubodwa benjabulo bulahlekisa uZungu ithuba elibalulekile

Menzi Magubane

Ubusuku obubodwa benjabulo bulahlekisa umdlali wasesiswini weBafana Bafana uBongani “Ben 10” Zungu ithuba elibalulekile empilweni yakhe.

UZungu ubenethuba lokuyodlalela iqembu lase-Scotland iGlasgow Rangers unomphela, kodwa lokho bekungaphambi kokuthi yena nozakwabo abane bahlawuliswe ngamaphoyisa ngokwephula imithetho ye-Covid-19.

Njengamanje umqeqeshi weqembu leGlasgow Rangers uSteven Gerrard ubasusile eqenjini lokuqala leqembu.

Ngesikhathi uGerrard ebuzwa ukuthi ngabe amathuba kaZungu esivumelwane sokudlalela iqembu unomphela anyamalele ngemuva kwalesi sigameko, lowo owayengukaputeni weLiverpool uthe: “Ngicabanga ukuthi kungakuhle ngisho ngithi, yebo kunjalo.

“Sizoqhubekela phambili nabadlali abahlale benobuchule futhi abafuna ukuba yingxenye yeqembu eliphumelelayo,” kusho uGerrard.

UZungu, umdlali wasesiswini odabuka eDuduza, ujoyine iqembu iGlasgow Rangers ebolekwe eqenjini lase-France i-Amiens ekuqaleni kwesizini. Uzabalazile ukwenza umthelela.

UZungu, nabanye abadlali abane, bebehambele iphathi ebisendlini ngempelasonto edlule bedelela imithetho eqinile yase-Scotland. Okhulumela amaphoyisa ocashunwe ku-BBC.com ethi: “Sithole umbiko wephathi esendaweni i-Hayburn Lane, e-Glasgow‚ ngezikhathi zabo-1.10 ekuseni ngeSonto mhla zi-14 kuNhlolanja.”

Abadlali basahleli bodwa. Basale emuva ohambweni oluya e-Belgium lapho iqembu iGlasgow Rangers elishaye khona i-Antwerp emlenzeni wokuqala we-UEFA Europa League.

NgeSonto baphuthelwe ukuwina kweGlasgow Rangers kwi-Dundee United futhi kungenzeka baphinde baphuthelwe umlenze wesibili we-Europa League ekhaya bebhekene ne-Antwerp ngoLwesine.

Ukuntuleka kokuziphatha akuyona into entsha kubadlali baseNingizimu Afrika abadlala phesheya. Esikhathini esedlule abadlali abafana noMbulelo “OJ” Mabizela kanye noJabu “Pule” Mahlangu badela imisebenzi yabo phesheya ngenxa yobusuku obumnandi.

Umthombo wesithombe: @kickoff

Izihloko zakamuva